Ukuhumusha nokutolika

Njengomuntu olukhonzile ulimi, ngike ngizihluphe ngokufisa ukwazi kabanzi ngamagama nokusetshenziswa kwawo olimini. Ngenkathi ngizifundela ngokwami, ngihlangane nolwazi ngamagama amabili ebengikaze ngilunake ngaphambi kokuhlangana nemibhalo kaBongiwe Mthethwa, ewuveza kahle umehluko phakathi kwalamagama. Ngikhuluma ngegama lokuthi ‘ukutolika’ nelokuthi ‘ukuhumusha’. Ngokuchaza kukaMthethwa, ukuhumusha nokutolika, yize kucishe kufane, kunomehluko obalulekile okumele uqondwe abathandi nabasebenzisi bolimi. Imibhalo kaBongiwe Mthethwa (2010) … Read more

Imilozi

Theme: Yazi kabanzi ngolimi lakho! Ngokuchaza kombhali uDBZ Ntuli, imilozi izihumusho zemisindo noma umculo wezinyoni. UNtuli uchaza ngokuthi KwaZulu kunenkolelo yokuthi uma izinyoni zibanga umsindo othile, zisuke zixoxa indaba thizeni. UMnu. Ntuli uqwashisa ngokuthi kwimilozi, kutholakala ukuphindaphindwa kwamagama, okuletha isigqi sobunkondlo esinothe ngezifenqo. Ngokuchaza kukaNtuli, umculo uyatholakala futhi kwimilozi. Bakhona nabanye ochwepheshe asebe bhale kabanzi … Read more

Izilandelo

Theme: Yazi kabanzi ngolimi lakho! Ngokuchaza kokamfokaNtuli, izilandelo (njengemilolozelo) zisetshenziwa uma kuthunduzelwa umntwana. Yize inhloso yezilandelo ifana neyemilolozelo, izilandelo zona zihluka ngokuthi zike ziphinde zibe yimidlalo ephinde idlalwe izingane esezithande ukukhula, uma zizijabulisa ngenhloso yokuchitha isizungu. Ngokuchaza kukaNtuli, izilandelo zijwayelwe ukuhaywa izingane ezimbili noma amaqembu amabili, abanye bebuza, abanye bephendula. Loku kuphendulana okuhamba namazwi ashintshashintshayo … Read more

Iziqubulo

Theme: Yazi kabanzi ngolimi lakho! Mhlampe kungaqagulwa kuthiwe uhlobo lwezinkondlo olunamandla kakhulu okuvusa ilukuluku lo mdlandla iziqubulo. Iziqubulo zaziwa ngokuthi ama-slogans ngesiNgisi. Uma singenza isibonelo sesiqubulo, singaboleka leso seqembu lezombusazwe uKhongolose esithi: “Amandla! Awethu!” Ngokuchaza kombhali uDBZ Ntuli, iziqubulo zisetshenziselwa ukuvusa ilukuluku lokubambisana ngobunye lapho kwenziwa umsebenzi othile. Iziqubulo ziyaba mfishane, njengalesi sikaKhongolose, kanti futhi … Read more

Isikhathi Samanje Sibiza Inguquko Endleleni Esibhala Ngayo

Kulesonto eledlule, ngike ngavakashela umcimbi obizwa ngokuthi i-“Time of the Writer“. Lo mcimbi, owenzeka njalo ngonyaka eThekwini, ongeminye emikhulukazi eNingizimu Afrika egqugquzela ukufunda nokukhiqiza imibhalo nezincwadi. Umngani wami ebengihambe naye, ukhale ngokuthi cishe bonke abantu abebeveza izincwadi zabo babhala ngesiNgisi. Empeleni akekho noyedwa ambonile obhala ngolimi lwebele lase-Afrika. Umngani wami ube seyaqhubeka wangitshela ukuthi usiko … Read more

Izisho

Umehluko phakathi kwesisho nesaga Isisho: Asiwona umusho ophelele. Isaga siyavuma ukushintshashintsha silandele inkathi yamanje noma inkathi ezayo noma inkathi esidlulile. Isaga: Siwumusho ophelele, isaga singumphumela wento eyenzeka ezintweni ezikhona ezweni lokho okushiwo yisaga akushayi phansi. Izisho Ukudla mfundambili njengemboma: Ukufuna izinto zonke zibe ngezakho, ukuba yigovu Ukubuya nempande yesikhova: Usuke ungazuzanga lutho Ukufinya ngolimi njengenkomo: … Read more