Ukuvuba Amasi Ngendlela Yakudala Emakhaya

Kudala amasi ayengathengwa esitolo njengoba sekwenziwa esikhathini samanje. Ayesengwa ekhaya ngoba kwakufuyiwe izinkomo zigcwele izibaya. Kwakuthi uma inkomo izele kujatshulwe ngoba kwakwaziwa ukuthi sekuzodliwa amasi okuyikona kudla okwakuthandwa kakhulu emandulo. Ukusenga Inkomo esengwayo yayingalali nethole esibayeni ngoba kwakwenzelwa ukuthi ubisi lube luningi uma sekusengwa, inkonyane lalilala lodwa. Osengayo wayevuka ekuseni akhiphe izinkomo azikhaphele eduze ngoba … Read more

Ukuhlukaniswa ngezigaba kwenyama yenkomo

Kunendlela elandelwayo uma kuhlatshiwe inkomo ekhaya. Kunezingxenye zenyama engadliwa ubulili noma ibuphi kanti futhi kukhona futhi edliwa ngokweminyaka yabantu. Inanzi – Ixhumene netwani iyisikhwanyana esincane. Phakathi kunobulongwe obumanzi. Idliwa omama.   Iphaphu – Lisesifubeni likhishwa kanye nenhliziyo. Lidliwa abafana. Isibindi – Siseduze kwephaphu. Sikhulu kuso kukhishwa inyongo. Sidliwa ubaba wekhaya usikelwa umbengo ose bese kusala esamakhosikazi. Inhliziyo … Read more

Ukudliwa nokudayiswa kwenhloko yenkomo, eThekwini

Inyama yenhloko yaziwa ngokuthi inyama yamadoda futhi abantu besifazane babengayithinti futhi bengayidli lengxenye yalenyama. Bekuthi uma kuhlatshiwe emzini othile, kuhlukaniswa izoso ngezigaba zazo. Bekuba khona inyama yabesifazane bodwa, lapho kuxutshwe nezingane ngoba phela zazidlalela ngasesifazaneni futhi kumele abazali lapho abesifazane benze isiqiniseko ukuthi izingane zidlile. Bese kuba khona eyezintombi zodwa, kube eyezinsizwa, bese kuba eyamadoda. … Read more

Ukudla okwenziwa ngommbila

Ukwakhiwa Kwesigqulo Uma kwakhiwa isigqulo abantu babethatha isiqu somuthi silinganiswe nebhakede elincane, bayikopolote noma basuse ingaphakathi laso lesosiqu kuze kwakheke okusasitsha. Isigqulo besiba nenduku eqinile yokugxoba ummbila. Uma sesikulungele ukusetshenziswa ekhaya bebethatha ummbila bawukhuzule ehlezeni noma eqhombeni bawuthele embengeni bese bewuthela esigqulweni ukuwugxoba. Bewugxotshwa ngendlela yokuthi ungacolisakali ngoba kuzophekwa kube yisitambu, sihlanganisa ummbila nobhontshisi. Ummbila, … Read more

Izitshalo Ezidliwa Abantu

Isithelo sikakwatapeya (avocado fruit) Kunezitshalo ezitshalwayo emakhaya ezidliwayo, ezinye zalezizitshalo ziyashesha ukuthela kanti ezinye ziyephuza. Kunendlela esetshenziswayo uma zitshalwa ukuze zikhule kahle futhi zisheshe zithele. Lapha sizobheka isitshalo esaziwa ngokuthi ukwatapeya noma ukotapeya. Ukwatapeya isitshalo esitshalwa kanye kuphela, lesisihlahla sihlala iminyaka silokhu sithela size sinqanyulwe uma sesingasadingwa umnikazi waso. Isihlahla sikakwatapeya uma sitshalwa kugqunyiswa inhlamvu … Read more