Izitshalo Ezidliwa Abantu

Isithelo sikakwatapeya (avocado fruit) Kunezitshalo ezitshalwayo emakhaya ezidliwayo, ezinye zalezizitshalo ziyashesha ukuthela kanti ezinye ziyephuza. Kunendlela esetshenziswayo uma zitshalwa ukuze zikhule kahle futhi zisheshe zithele. Lapha sizobheka isitshalo esaziwa ngokuthi ukwatapeya noma ukotapeya. Ukwatapeya isitshalo esitshalwa kanye kuphela, lesisihlahla sihlala iminyaka silokhu sithela size sinqanyulwe uma sesingasadingwa umnikazi waso. Isihlahla sikakwatapeya uma sitshalwa kugqunyiswa inhlamvu … Read more

Izitsha Zesintu

Izitsha zokudla zesintu Ukudla kubantu bomdabu babekugcina ezitsheni ezahlukene futhi noma kuphakwa kuphakelwe ezitsheni ezifanele, lokho kudla okudliwayo ngaleso sikhathi. Zazisetshenziswa futhi ekutheni zibe izipho uma kwenziwa ubuhlobo phakathi kwemizi eshadelanayo noma kunombondo. Ekudleni kusukela kokwesipuni kuya kokuphuzwayo, izitsha zakhona azifani futhi nangendlela ezenziwa ngayo ayifani. Kuzo lezizitsha zokudla, kwakubuye kutshengiswe nekhono lokwenza into enhle … Read more

Izinhlobo zokudla kwesintu

Ziningi izinhlobo zokudla kwesintu ezikhona abantu ababeziphekela zona ngaphandle kokuyakothenga ezitolo. Imfuyo namasimi kwakudlala indima enkulu ezimpilweni zabantu basemakhaya. Ihongo (Curds formed by milking into whey of a cow): Kusengelwa ubisi emlazeni besekuphuzwa (umlaza amanzi aphuma emasini) Ububende (brawn make from fresh blood and chopped pieces of tripe): Kuba igazi lenkomo ehlatshiwe ekhaya kusikwe nosu … Read more