Ukudla kwesiZulu – Ingxenye I

Ukudla kwesintu Zonke izizwe ezikhona zinokudla ezikudlayo ngokuhlukana kwazo njengesizwe samaNgisi, amaNdiya nezinye izizwana ezikhona eNingizimu ne-Afrika. La sizobala ukudla kwesintu okuthandwa kakhulu nobekudliwa emandulo, namanje okusadliwa. Kulokudla kubalwa indwamba (amasi), ugume, umbhuqwa, izinkobe, ujeqe, umbhaqanga, imifino, idokwe neyambazi, isidlwadlwa kanye nokunye okuningi. Amasi Indwamba ukudla okuthandwa kakhulu amaZulu njengamasi, ingakho aze aqanjwa izibongo nje. … Read more

Ukuvuba Amasi Ngendlela Yakudala Emakhaya

Kudala amasi ayengathengwa esitolo njengoba sekwenziwa esikhathini samanje. Ayesengwa ekhaya ngoba kwakufuyiwe izinkomo zigcwele izibaya. Kwakuthi uma inkomo izele kujatshulwe ngoba kwakwaziwa ukuthi sekuzodliwa amasi okuyikona kudla okwakuthandwa kakhulu emandulo. Ukusenga Inkomo esengwayo yayingalali nethole esibayeni ngoba kwakwenzelwa ukuthi ubisi lube luningi uma sekusengwa, inkonyane lalilala lodwa. Osengayo wayevuka ekuseni akhiphe izinkomo azikhaphele eduze ngoba … Read more