Isibaya

Indawo apho kulala khona izinkomo, ibizwa ngokuthi. Iyisakhiwo esenziwe ngezingodo KwaZulu sisetshenziswa ukugcina izinkomo. Isibaya sakhiwe maphakathi nomuzi. Izinkuni noma izingodo zokwakha isibaya ziyaqoqwa bese zihlanganiswa zenze isiyingi nesango. Isango libhekene nomnyango omkhulu womuzi ukuze abantu bakwazi ukufinyelela kalula esibayeni. Izinkomo zilala ngaphakathi esibayeni lapho lina futhi uma kubanda noma lina izinkomo zilala ngaphandle kwesibaya, … Read more

Izilwane Zasekhaya

Eminyakeni lapho isizwe sisagcina amasiko ngendlela eyiyo, besiba nobudlelwano obubalekile nemvelo kanye nokwembethe umhlaba kanye nezilwane ezinhlobonhlobo. Izilwane zasekhaya zidlale indima enkulu kusikompilo lwesintu. Impilo yazozonke izinsuku ukuba khona kwesilwane ekhaya bekuba wusizo olukhulu. Lokhu phela sikuthola uma sibuka indlela ebekuphilwa ngayo, ebekudingeka khona inyama noma uhlabile ubikela amathongo okuyiwo abheke umuzi ukuba ungachitheki kujabule … Read more

Ukuvuba Amasi Ngendlela Yakudala Emakhaya

Kudala amasi ayengathengwa esitolo njengoba sekwenziwa esikhathini samanje. Ayesengwa ekhaya ngoba kwakufuyiwe izinkomo zigcwele izibaya. Kwakuthi uma inkomo izele kujatshulwe ngoba kwakwaziwa ukuthi sekuzodliwa amasi okuyikona kudla okwakuthandwa kakhulu emandulo. Ukusenga Inkomo esengwayo yayingalali nethole esibayeni ngoba kwakwenzelwa ukuthi ubisi lube luningi uma sekusengwa, inkonyane lalilala lodwa. Osengayo wayevuka ekuseni akhiphe izinkomo azikhaphele eduze ngoba … Read more

Ukuhlukaniswa ngezigaba kwenyama yenkomo

Kunendlela elandelwayo uma kuhlatshiwe inkomo ekhaya. Kunezingxenye zenyama engadliwa ubulili noma ibuphi kanti futhi kukhona futhi edliwa ngokweminyaka yabantu. Inanzi – Ixhumene netwani iyisikhwanyana esincane. Phakathi kunobulongwe obumanzi. Idliwa omama.   Iphaphu – Lisesifubeni likhishwa kanye nenhliziyo. Lidliwa abafana. Isibindi – Siseduze kwephaphu. Sikhulu kuso kukhishwa inyongo. Sidliwa ubaba wekhaya usikelwa umbengo ose bese kusala esamakhosikazi. Inhliziyo … Read more

Ukudipha izinkomo nokubaluleka kwako

Idiphu indawo eyakhiwayo buqamama nemizi yabantu, ngoba idinga indawo enkulu, bese kuba nendlu yokugcina imithi noma amakhemikhali asetshenziswa emanzini. Umdiphi uyafundiswa futhi ukuxuba lomuthi wokugeza izinkomo, ukuze angenzi iphutha ngoba lomuthi ungaba nobungozi uma ungathakiwe ngendlela. Idiphu lakhiwe ngezingodo eziqinile laba yindilinga noma ibe namakhona, bese kuba nendawo embiwe yashona yase ikhonkwa. Kungena inkomo eyodwa ngesikhathi. … Read more

Izinja Ezifuywa Ekhaya

Izinja ezifuywa ekhaya zihlukene kabili, kukhona izinja ezifuyelwa ukuzingela nezifuyelwa ukugada emakhaya kodwa zombili lezizinhlobo zezinja azexwayani ziyakwazi ukuhlala ndawonye. Izinja Zokuzingela Izinja zokuzingela ezibizwa ngokuthi amabhansi zona umsebenzi wazo ukuzingela kuphela. Lezizinja zitholakala ngokuthi ozifunayo azithenge kulabobantu abazifuyile, baye bathenge umdlwane bese bezikhulisela wona. Umdlwane webhansi ubiza amashumi amabili opondo nopondo abayisihlanu, kanti ubonakala … Read more