Ukudla okwenziwa ngommbila

Ukwakhiwa Kwesigqulo
Uma kwakhiwa isigqulo abantu babethatha isiqu somuthi silinganiswe nebhakede elincane, bayikopolote noma basuse ingaphakathi laso lesosiqu kuze kwakheke okusasitsha. Isigqulo besiba nenduku eqinile yokugxoba ummbila.
Uma sesikulungele ukusetshenziswa ekhaya bebethatha ummbila bawukhuzule ehlezeni noma eqhombeni bawuthele embengeni bese bewuthela esigqulweni ukuwugxoba. Bewugxotshwa ngendlela yokuthi ungacolisakali ngoba kuzophekwa kube yisitambu, sihlanganisa ummbila nobhontshisi. Ummbila, nobhontshisi okunye kokudla abantu abebezitshalela kona emasimini. Lommbila ozokwenza isitambu bekuba ummbila osuwomile ongelona oyifutho, ngaphambi kokuba ugqulwe bewuqala ngokucwiliswa emanzini.

Umcaba kusuke kuphekwe ummbila uyakhuzulwa ehlezeni bese uphekwa isikhathi eside uthambe. Uma lowommbila usulungile uyagaywa etsheni, unabalale etsheni bese kuxetshulwa uma sekugayeke ngokwanele. Kuyathathwa kubekwe embengeni. Kuyaye kugaywe kubekuningi ngoba kufanele kwenele umndeni wonke uma sekudliwa. Bese begaya amatongomane (amakinati). Amantongomane eyedliwa nomcaba, futhi ayehlanganiswa nesishebo esiphekiwe ngesinye isikhathi. Ziningi izinto ebezingadliwa nomcaba njengamakhowe, imifino, inyama njalonjalo. Bekungadliwa lokudla kukodwa ngenxa yokuthi bekomile.

Isikhathi esiningi lokudla bebekuphekela umuntu ozothatha uhambo olude khona ezodla endleleni. Bekugoqwa kahle uma lowomuntu esehamba. Ziningi izinto ebezihanjelwa abantu njengokuvakashela izihlobo noma ukuyofuna umsebenzi. Uma sewudliwa umcaba uyaye kufakwe lesosishebo esilungisiwe asigoqe ngawo bese eyadla.

Izinkobe, kusuke kuphekwa ummbila hhayi oyifutho. Uphekwa isikhashana hhayi eside kakhulu. Bese ziyakhishwa ziyagaywa etsheni. Uma sezigayiwe zithululelwa embengeni lommbila usuke ungacolisekile njengomcaba ube usuyakwela ukukhipha izimpephelezi zommbila bese kuyadliwa nobhontshisi. Kokunye begaya lommbila benzele ukuvuba amasi.

Noma benza amakhekhe bebesebenzisa wona ummbila. Bebewugaya ummbila etsheni bese befaka imbiliso yotshwala kancane ukuze kukhukhumale, bese bekunameka esivalweni sebhodwe, bese bebeka emlilweni, owawubaswa phansi kusetshenziswa oxhakamane. Kwakuhlanganiswa izivalo ezimbili esisodwa esinenhlama bese esesibili simboza noma sibengaphezulu kwawo amaqebelengwane. Kubekwa kanjalo kuze kuvuthwe. Akufanele kulokhu kuvulwa njalo ngoba kuyephuka.

Idokwe noma umdokwe, lona kucwiliswa ummbila noma impuphu usuku olulodwa khona kungeke kubemuncu kakhulu. Ngakusasa kuphekwe bese kuthululelwa embizeni.

Utshwala besintu, bekuqala ngokuthi kuthonwe njengokufakwa imithombo yommbila namanzi abilile bese kufakwa amanzi abandayo, kufakwe kancane umthombo wamabele, uma sekumuncu noma sekuqala ukuba nengwebu, kuyaye kuthathwe umlilo usondezwe kulesositsha esinaleyongxube uma sicisha kusho ukuthi seyikulungele ukuphekwa. Uma sekuphekwa kukhiwa amanzi alengxube, uma sekubila kuthelwe lokhu okuyiphalishi, kugoqozwe kuze kugxabhe, uma sekugxabha kwehliswa umlilo uma sekuvuthiwe kupholiswe kungakabandi qa. Bese kufakwa amabele engaphekwanga manje, bese kuphekwa ukolo, uphekwa sengathi iphalishi eliqinile bese kubhucelwa la kulengxube esivuthiwe. Ukolo usuke ufakelwa ukuthi noma bungahlala isikhathi eside bungaphuzwa bungasheshi buphuphe noma bungasheshi bubemuncu.

English Summary
This article looks at the traditional food made with mielies.

By: Nelisiwe Hlongwane

2 thoughts on “Ukudla okwenziwa ngommbila”

Leave a Reply