Ukuvuba Amasi Ngendlela Yakudala Emakhaya
Kudala amasi ayengathengwa esitolo njengoba sekwenziwa esikhathini samanje. Ayesengwa ekhaya ngoba kwakufuyiwe izinkomo zigcwele izibaya. Kwakuthi uma inkomo izele kujatshulwe ngoba kwakwaziwa ukuthi sekuzodliwa amasi okuyikona kudla okwakuthandwa kakhulu emandulo. Ukusenga Inkomo esengwayo yayingalali nethole esibayeni ngoba kwakwenzelwa ukuthi ubisi lube luningi uma sekusengwa, inkonyane lalilala lodwa. Osengayo wayevuka ekuseni akhiphe izinkomo azikhaphele eduze ngoba … Read more