Inyama yenhloko yaziwa ngokuthi inyama yamadoda futhi abantu besifazane babengayithinti futhi bengayidli lengxenye yalenyama. Bekuthi uma kuhlatshiwe emzini othile, kuhlukaniswa izoso ngezigaba zazo. Bekuba khona inyama yabesifazane bodwa, lapho kuxutshwe nezingane ngoba phela zazidlalela ngasesifazaneni futhi kumele abazali lapho abesifazane benze isiqiniseko ukuthi izingane zidlile. Bese kuba khona eyezintombi zodwa, kube eyezinsizwa, bese kuba eyamadoda. Inhloko yodwa yayigcinwa kuze kuphele umsebenzi ihlanganiswe namanqina okuthi ngosuku olubekiwe amadoda nezinsizwa zendawo zibizwe ukuthi zizodla lenyama.
Phela eyezinsizwa yayiba nengosi phakathi ngoba izinsizwa zaziqhathwa zishayane kuthi lowo ohluliwe uma ebalekile wakhombisa ubugwala, bese edliswa inyama yangaphakathi eyayiyimbi okuthiwa ibhakubha, icwiliswe emanzini ngoba kuthiwa uyigwala. Lowo okhombise ubuqhawe yena ubenikwa ubhedu inyama yamaqhawe okuyinyama yekhethelo. Lwalosiwa kahle luxhonywe endukwini kuthi izingqwele zilugade kuthi loyo okhombise ubuqhawe ekulweni nezinsizwa ezazikhona lapho, kube uyena ozodla lenyama yekhethelo. Kuthi ke laphaya esidlangalaleni amadoda asashaya umbengo alinde nawo leyo eyekhethelo. Ngaleso sikhathi inhloko isihlahleliwe esebhodweni iyagxajiswa, kothi ingavuthwa, isondezwe ngogqoko ihambisana nedombolo noma ujeqe ukuze amadoda asine azibethele.
Inhloko iqukethe inyama eyikhethelo njengolimi lwenkomo okuyilona oluhamba phambili lapha namadoda ayithakasela kakhulu. Ngenxa yokushintsha kwezikhathi, abantu besifazane basola ukuthi lukhona lukhulu abancishwa lona kulenhloko yenkomo. Ngokushintsha kwezikhathi nokuguquka kwezinto, ukudla sekuthengwa kuphekiwe noma kuthiwe udla ukudla kwesintu uma usedolobheni, nayo ke inhloko yabaphunyuka kanjalo abantu besilisa. Yaqala yadayiswa emadeleni lapho abantu besifazane ababefuna ukuxosha ikati eziko ngoba obaba besebenza kude nasemakhaya baqala ukuzithengela bayidayisa ezindaweni eziseduze nalapho kuhlangana khona amadoda. Baqala beyidayisa ingaphekiwe kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayiphekela ezindaweni zabo zokudayisela okwaba nesasasa kakhulu kubantu besilisa.
Edolobheni laseThekwini endaweni eyaziwa ngokuthi yiseMakethe lapho kugitshelwa khona amatekisi ahambela izindawo esingaphandle kwedolobha, yilapho uthola khona abantu besifazane bedayisa lenyama. Usuku nosuku kukhona abadayisi bezinhloko abaziletha edolobheni ukuzozithengisela lababesifazane. Umsebenzi wabo uqala lapho bazihlahlele bakhethe abazoyipheka enye bayidayise ingaphekiwe. Lothi lingaphakama ilanga, isivuthiwe inyama yekhethelo, isiphonswe ezithebeni isilungele ukudayiswa. Uthola lonke uhlobo lwabantu luthenga lenyama yekhethelo. Abantu bayithenga ubuthaphuthaphu osomatekisi nalabo abageza amatekisi emarenki. Okuphawulekayo ukuthi nabantu besifazane bayabonakala beyithenga beyidla khona esidlangalaleni. Indlela lenyama ethakaselwa ngayo usuku nosuku bathenga inhloko bayidayise yonke.
Mbusiswa Zuma