Amaphikankani

Indawo yaKwaMashu idume njengelinye lamalokishi adume ngobugebengu nodlame oludlangile cishe iNingizimu Afrika yonke. Kepha lesithombe kasiphelele. Yize kuyiqiniso ukuthi indawo yakwaMashu – ebuye yaziwe ngokuthi ises’nqawunqawini – ikhungethwe yizinselelo eziningi eziphazamisa ukuphepha kwezakhamuzi zakhona, kuningi okuhle okungatholakala kubantu balelokishi. Kwazise phela ukuthi leli lokishi selike lakhiqhiza abantu abaningi abaziwayo kuleli okubalwa kubo uNgqongqoshe uJeff Radebe, … Read more

Iculo likaNkosazana Magogo

UNkosazana Magogo usomaciko owazalwa yiNkosi yakwaZulu uDinuzulu noNkosikazi Silomo, ngonyaka ka-1900. UNkosazana Magogo ngumama kasopolitiki uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Abalobi bomlando bayibabaza kakhulu indima kaNkosazana Magogo kwezobuciko baseNingizimu Afrika. Wayaziwa kakhulu ngomculo nangezinkondlo. Ngokubika kwe-sahistory.org.za, kuthiwa uNkosazana Magogo ungumsunguli womculo wesintu kanti wayephiwe kakhulu ekushayeni isigubhu nesithintolo. Ngike ngaba nethuba-ke lokubuka nokuqopha uZawat Yemungu, umculi nomlandeli … Read more

Angeke Life Usiko Lethu – Thee Legacy

Sike sathola ithuba lokubuka iqembu laseThekwini lesicathamiya linandisa futhi lidlulisa umyalezo omuhle ngeculo elikhuthaza ukuqhuba usiko lethu ngenyanga edlule uMfumfu kowe-2018. Lapha ke, sishicilela amagama eculo le-Thee Legacy elimnandi futhi elinomyalezo ohlabahlosile nophucuzekile elithi “Angeke Life Usiko Lethu”. Ukuthi usiko lwethu luhambe kanjena Siyazibonela nje, Siyazazela nje Siyazenzela. Angeke lufe usiko lethu   Awuke ulilalele lapha ngezansi: … Read more

Umncintiswano weLadysmith Black Mambazo

Iqembu lezika cothoza mfana elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ithathe igxathu elihle ekubuyiseni esizweni iphinde ifake isandla ekuthuthukisweni komculo wesintu isicathamiya. Lokhu ngikuphimisa ngoba leli qembu livule ngokusemthethweni isikhungo somculo wesicathamiya lapho bezobe behambela ezifundeni ezahlukene. Inhloso enkulu yalesikhungo ukuvundulula amaciko esicathamiya, kanti ke futhi nokugqamisa lomculo ebantwini. Lo mzungezo uqale ngomhlaka 12 kwephezulu … Read more

Amaculo adumile ezingane uma kudlalwa

Thina esakhululela emalokishini sivame ukuthi uma sikhumbula izinsuku zethu sisakhula, sicabange imidlalo esasiyidlala ebuntwaneni bethu. Ngisho lezo zikhathi lapho impilo yayisalula khona umuntu engavelelwe izindleko nezinkinga zobudala. Kulendatshana ngizoke ngilobe ngamaculo esasiwacula uma sizitika ngokwenama emigwaqweni kwazise phela sasingaxakwe zinkinga ezitheni, yize sasihlupheka kodwa lokho kwakungayona into eyayisidikibalisa igazi kakhulu ngoba iningi lethu laliphila impilo … Read more

Voshoka nge-Gqom

Umdanso ekuthiwa iGqom sesike sabhala ngawo, njengohlobo lomculo nomdanso olushisa izikhotha eNingizimu Afrika , owaqala emalokishini aseThekwini nasesifundazweni saseMpumalanga Kapa. Lapha sifake i-video yebhungu laseThekwini idansela umculo weGqom, yenza iVosho, umdanso odume kakhulu eNtsheni yaseNingizimu Afrika. Awuke uzibukele. Article overview The article is about one of the most popular street dance styles in South African … Read more