UMaskandi

Umculo kaMaskandi udumile futhi uthandwa kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal. Lo mculo unomlando omkhulu ekungcebelekeni, ekuxoxeni ngezinto ezithinta abantu, kanti nokuqhuba usikompilo lwabantu base-Afrika, ikakhulukazi labo besizwe samaZulu. Zithanda ukubaningana izikhondlakhondla zomculo ezihleli endaweni ephakeme yomlando waseNingizimu Afrika wezobuciko ezazicula wona lo mculo kaMaskandi. Lapha kubalwa oBhekumuzi Luthuli, oMfaz’Omnyama noBusi Mhlongo. Izindaba ezimnandi ukuthi … Read more

UZibokwakhe ‘Phuzekhemisi’ Mnyandu

UZibokwakhe Johnstone Mnyandu, owaziwa ngelika Phuzekhemisi wazalwa ngo-30 Novemba 1962, waziwa kabanzi njengenkosi yohlobo lomculo womdabu, umaskandi. Ngezingoma ezikhuluma ngempilo yendoda, usizi lwayo, amaphupho ayo, umculo kamaskandi akumangazi ukuthi ubizwe ‘ngeZulu Blues‘. Uhlukaniswe ngesitayela esikhethiwe sesigingci nezinkondlo zesiZulu ezikhulunywa ngokushesha, umculo kamaskandi uhlukile eNingizimu Afrika. Kepha lokho akusho ukuthi ayaziswa umhlaba wonke. UPhuzekhemisi udlalele izethameli … Read more

Gcwalisa Mabhida

Kulenyanga ka Nhlolanja indaba esematheni yindaba yase Moses Mabhida, lapho insizwa yakwa Mpungose ebizwa ngo Khuzani izobe ibambe inqophamlando womcimbi obizwa ngokuthi “Gcwalisa iMabhida” la okuzobe kukhona izinqwele zamaciko omculo wesintu. Lomcimbi ungundaba mlonyeni ebantwini njengoba kuyisenzo sokuqala lesi ukuthi umculi ka Maskandi ezobe ezama khona ukugcwalisa lenkundla la kuzobe kushiyelana khona amaqhawe alomculo inkundla. … Read more

Amantshontsho (2018)

Inyanga kaZibandlela yinyanga la khona amaciko amaningi omculo wesintu esuke ededela umsebenzi wawo asuke kade ewupheka ewuthulula enzela abalandela abasuke belangalele ngendlela ukuzwa ukudla kwendlebe okuphekwe amaqhawe azo. Kahle kahle nje lenyanya yinyanga la khona thina balandeli bomculo sisuke sidla sinconcosa njengoba kusuke kukhona nemcimbi ethile yesintu, imigubho kanye ke nemidlalo yesintu esahlukahlukene. Lo Zibandlela … Read more

Igama lika Mgqumeni

Uma kukhulunywa ngomculo kaMaskandi akekho ongalazi igama leqhawe uKhulekani “Mgqumeni” Mseleku, obeyinkosi yamaciko kaMaskandi ngaphambi kokuba edlule emhlabeni ngonyaka wezi 2009. Leliqhawe noma selaphangalala kodwa ke lisewundaba mlonyeni kubantu abazifela ngalomculo ngenxa yamagalelo alo, kanti ke okunye okwenza lensizwa ingapheli ematheni ubuqhawe bayo njengoba ithe ngisho isidlulile emhlabeni kodwa imisebenzi yayo yaqhubeka yabonakala njengoba izinsizwa … Read more