Amahostela namaGugu esintu

Ukuhamba kweminyaka kusho ushintsho izintweni ezifana nenkolo kanye namasiko ngenxa yosikompilo lwezindawo ezihlala abantu ngokwehlukana kwazo. Ukuhlala nabantu bezinhlaka nezinhlanga ezahlukene kusho ukuthi siyachathazelana ngamasiko ethu lapho sifunda khona izindlela ezahlukene zokukhonza kanye nokuphila ezithinta amasiko nomthetho esiphila ngaphansi kwawo. Indawo yasehostela ihlala abantu abavela ezindaweni zasemakhaya abazobheka amatoho futhi abathanda impilo yesintu. Emahotela bekuyindawo … Read more

Isicathamiya: Sebehlasele Umoya Wami

Sesike sabhala kaningani ngohlobo lobuciko ekuthiwa isicathamiya. Isicathamiya saduma kakhulu ngeqembu lo mculo elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo. Yize abanye bangaze basole sengathi loluhlobo lo mculo luthandwa abantu abadala kuphela, yiningi intsha ewuthandayo lo mculo. Lapha ngezansi sishicilele amaciko aholwa yintombi yakwaMacingwane, uZoliswa Mchunu. Amaciko lawa ahuba ingoma ethi: “Sebehlasele Umoya Wami”. Le ngoma … Read more

Africa’s Time

If you’re away from home at the moment and find yourself in need of a reminder of Africa’s great beauty then spend a few moments watching Jérémy Olivier’s new single, Africa’s Time, featuring the legendary choral group, Ladysmith Black Mambazo (LBM). Not only will you get to hear the soothing isicathamiya tunes of five time Grammy winners, … Read more

Umncintiswano weLadysmith Black Mambazo

Iqembu lezika cothoza mfana elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ithathe igxathu elihle ekubuyiseni esizweni iphinde ifake isandla ekuthuthukisweni komculo wesintu isicathamiya. Lokhu ngikuphimisa ngoba leli qembu livule ngokusemthethweni isikhungo somculo wesicathamiya lapho bezobe behambela ezifundeni ezahlukene. Inhloso enkulu yalesikhungo ukuvundulula amaciko esicathamiya, kanti ke futhi nokugqamisa lomculo ebantwini. Lo mzungezo uqale ngomhlaka 12 kwephezulu … Read more

Isicathamiya nentsha

Isicathamiya nguhlobo lo mculo ojulile ojwayele ukukhashwa wukunyakaza noma ukudansa ngendlela ehlelekile iqembu lezinsizwa. Ngokubika kwabasemlandweni, lo mculo waqala ukuduma ngeminyaka yo-1920 kuya ko-1930 lapho khona abantu abaningi besilisa babesuka ezindaweni zasemakhaya beya emadolobheni beya kosebenza. Umsuka wona walomculo kuthiwa umdala kakhulu kodwa kuneminyaka yo-1920 ngoba abalobi bomlando babika ukuthi umthelela wokwakheka kwesicathamiya ngamaZulu usuka … Read more

Umculo Wesintu

  Thina sizwe esinsundu ziningi izinto esizigqaja ngazo nesizithwele ngeqoma ezingamasiko ethu. Izinto esizibungazayo yimicimbi yesintu, imvunulo esihloba ngayo emicimbini ehlukene, ukudla esikumayayo kwesintu kanye nomculo wesintu. Lawa amaciko acikoza ngawo amaZulu.   Ziningi izinhlobo zomculo wesintu thina sizwe sikaZulu esiziqhenya siphinde sizigqaje ngawo. Kulezo zinhlobo zomculo wesintu kubalwa isicathamiya, umbhaqanga, imvunge, umasikandi kanye neminye … Read more