Tag Archives | Umculo

Thee Legacy

Angeke Life Usiko Lethu – Thee Legacy

Sike sathola ithuba lokubuka iqembu laseThekwini lesicathamiya linandisa futhi lidlulisa umyalezo omuhle ngeculo elikhuthaza ukuqhuba usiko lethu ngenyanga edlule uMfumfu kowe-2018. Lapha ke, sishicilela amagama eculo le-Thee Legacy elimnandi futhi elinomyalezo ohlabahlosile nophucuzekile elithi “Angeke Life Usiko Lethu”. Ukuthi usiko lwethu luhambe kanjena Siyazibonela nje, Siyazazela nje Siyazenzela. Angeke lufe usiko lethu   Awuke ulilalele lapha ngezansi: […]

Continue Reading

Umncintiswano weLadysmith Black Mambazo

Iqembu lezika cothoza mfana elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ithathe igxathu elihle ekubuyiseni esizweni iphinde ifake isandla ekuthuthukisweni komculo wesintu isicathamiya. Lokhu ngikuphimisa ngoba leli qembu livule ngokusemthethweni isikhungo somculo wesicathamiya lapho bezobe behambela ezifundeni ezahlukene. Inhloso enkulu yalesikhungo ukuvundulula amaciko esicathamiya, kanti ke futhi nokugqamisa lomculo ebantwini. Lo mzungezo uqale ngomhlaka 12 kwephezulu […]

Continue Reading

Amaculo adumile ezingane uma kudlalwa

Thina esakhululela emalokishini sivame ukuthi uma sikhumbula izinsuku zethu sisakhula, sicabange imidlalo esasiyidlala ebuntwaneni bethu. Ngisho lezo zikhathi lapho impilo yayisalula khona umuntu engavelelwe izindleko nezinkinga zobudala. Kulendatshana ngizoke ngilobe ngamaculo esasiwacula uma sizitika ngokwenama emigwaqweni kwazise phela sasingaxakwe zinkinga ezitheni, yize sasihlupheka kodwa lokho kwakungayona into eyayisidikibalisa igazi kakhulu ngoba iningi lethu laliphila impilo […]

Continue Reading

Voshoka nge-Gqom

Umdanso ekuthi iGqom sesike sabhala ngawo, njengohlobo lo mculo nomdanso olushisa izikhotha eNingizimu Afrika yonke, ovelaphi iqumbuka emalokishini aseThekwini nasesifundazweni saseMpumalanga Kapa. Lapha sifake i-video yebhungu laseThekwini idansela umculo weGqom, yenza iVosho, umdanso odume kakhulu eNtsheni yaseNingizimu Afrika. Awuke uzibukele. Article overview The article is about one of the most popular street dance styles in […]

Continue Reading

Isicathamiya nentsha

Isicathamiya nguhlobo lo mculo ojulile ojwayele ukukhashwa wukunyakaza noma ukudansa ngendlela ehlelekile iqembu lezinsizwa. Ngokubika kwabasemlandweni, lo mculo waqala ukuduma ngeminyaka yo-1920 kuya ko-1930 lapho khona abantu abaningi besilisa babesuka ezindaweni zasemakhaya beya emadolobheni beya kosebenza. Umsuka wona walomculo kuthiwa umdala kakhulu kodwa kuneminyaka yo-1920 ngoba abalobi bomlando babika ukuthi umthelela wokwakheka kwesicathamiya ngamaZulu usuka […]

Continue Reading
IMG-20180722-WA0006

iMpucuzeko Maskandi Festival

Umfoka Mcineka ubeziqhathe phansi enkundleni  i-People’s Park kwelika Bhanana eThekwini kwi Mpucuzeko Festival, okuwumdlalo womculo kamasikandi waminyaka yonke. Lomcimbi uhanjelwa izinkumbi zabantu zamaqembu ahlukene ka Maskandi, njengoba nakulokhu bebebaningi ukudlula izimpethu zendlovu. Okugqame kakhulu ngalomcimbi odume ngendebe yomhlaba yamaciko kaMaskandi ubuhle bengqephu yabalandeli bamaqembu amaskandi, okubalwa kubo abalandeli ba Amageza Amahle abebephume ngobuningi, abalandeli baka […]

Continue Reading