Thina esakhululela emalokishini sivame ukuthi uma sikhumbula izinsuku zethu sisakhula, sicabange imidlalo esasiyidlala ebuntwaneni bethu. Ngisho lezo zikhathi lapho impilo yayisalula khona umuntu engavelelwe izindleko nezinkinga zobudala.
Kulendatshana ngizoke ngilobe ngamaculo esasiwacula uma sizitika ngokwenama emigwaqweni kwazise phela sasingaxakwe zinkinga ezitheni, yize sasihlupheka kodwa lokho kwakungayona into eyayisidikibalisa igazi kakhulu ngoba iningi lethu laliphila impilo ecishe ifane futhi singayazi enye impilo.
Nazi ke ezinye engisazikhumbula
- Isikibha sikaJohn esibhalwe useveni.
Sasithi uma sidlala singabafanyana namantombazanyana, sime isikokela sishintshisane ngokungena phakathi nesikwele sicule sithi:
“Is’kibha s’ka John,
S’bhal’ useveni, siyangachaza,”
Sikusho kabili lokhu mase okumantombazanyana mase kuthi
“Wang’bamba amaHips … Wu… wang’bamba kanjan’”
Kutshikize kubheke le, sithokoze ndawonye.
- Gandaganda
Enye ingoma isiyaziwa njengeka-Babes Wodumo manje, kanti vele naye wayicosha imigaqweni njengathi ilena ethi:
Gandaganda matiyo, iyinsimbi zabelungu,
Zigay’ upelepele.
Zithi ga ga ga.
Oh hhayi ngiyesaba.
Ehla amathambo ebheke ezansi
Enyuka amathambo ebheke phezulu
Awuke uzwe, nansi ingane isho lana ezansi:
3. Sebeshadile
Lena ke iculwa uma kudlala abafanyana namantombazanyane, lapho beme indingilinga noma isikokela.
Lithi: Sebeshadile le no ma[mas’ban ban – isibongo sentombazanyana]
Awuke uzwe lapha ezansi:
Brief Overview
The article above details the lyrics of songs that accompany games that we used to play when we were growing in the townships of Durban. The article contains audio clips of the songs as they are sang by children in my neighbourhood.