Kuphi naphi uma wazi impilo yase lokishini ungavuma ukuthi abukho umnandi obungafaniswa nolobo basemalokishini. Beka eceleni izindawo ezinjengo Max’s Lifestyle neYadini, asibheke ezinye izinyawo ezithandwayo zobumnandi. Kulesi siqeshana sibheka kafushane izindawo ongazivakshela emalokishini eTheku.
Yize ziningi izindawo zeshisanyama kepha ngizokhetha izindawo ewu-5 ongazivakashela emalokishini uthokozele ubumnandi.
- Wiseman’s Car Wash and Shisanyama
- Ntunjambili Roof Top
- Mojo’s Car Wash and Shisanyama
- Mashamplanes Lounge
- Comfort Zone
Uma uzizwa sengathi ungahlanganyela nabantu ushise inyama, uthole ubumnandi, phecelezi i-vibe yaseKasi, woza eThekwini. Lezi ezinye zezindawo ezithandwa abantu emalokishini ahlukene nezaziwa kakhulu. KwaMashu ‘esinqawunqawuni’ izindawo ezithandwayo, sokuqala nge-Wiseman’s Car wash and Shisanyama ekwa G-section. Bese kuba i-Ntunjambili Roof Top, yona ekwa D section khona KwaMashu. Inyama, utshwala noculo kukuthatha kukubeke, lezi izindawo zokupola nabannani bakho. Kube i-Mojo’s Car Wash eseChesterville kumunandi ukuzipolela kulezindawo, uwashe nemoto yakho uphole nabangani. Bese kuba i-Mashamplanes Lounge nayo eseChesterville ngeke uhambe ungajabulanga. Ngiyivala nge-Comfort Zone eseClermont. Lezi ngezinye zezindayo zeshisanyama ezidumile nongazitholela kuzo inyama econsisa amathe, iziphuzo zekhethelo, urelax nabangani noma ngabe niqhamuka emalokishini noma kuma suburbs ningazithokozela.
Article Overview
Shisanyamas have long become the place to be in the townships. These are among the top five shisanyamas in the eThekwini townships. Wiseman’s Car Wash and Shisanyama and Ntunjambili Roof Top are among the best spot to hang out in KwaMashu. Mojo’s Car Wash and Mashamplane’s Lounge, both located in Chesterville, ensure you have a good time. Comfort Zone in Clermont a place to chill and unwind with friend.