Ungaduki elokishini

Impilo yaselokishi bathi imnandi ayifani neyasedolobheni. Kwesinye isikhathi uye ubone sengathi izinto zenziwa ngokufana kepha uma usubhekisisa ubone umehluko lapha nalaphaya. Ukugibela amatekisi impilo yemihla ngemihla emalokishini ngisho ungaya kwesiphi isifundazwe eMzansi. Ukumisa noma ukusayinela itekisi kungayinto ongayinaki kepha ungazithola usudukile noma ususendaweni obungaqondile ukuya kuyona uma uphambanisa amasayini/ indlela yokumisa. Lokhu into ongayithatha kancane nangangokukhulu ukunganaki.

Uma ubheka amalokishi anjengo Ntuzuma, KwaMashu, Clermont/KwaDabeka, Inanda kanye neLamontville athi asebenzisa indlela ethi eyifane uma kumiswa noma kuyasayinelwa amatekisi kepha ayifani ncamashi. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ukuphi nendawo usayinele itekisi ngendlela efanele ngoba ungazithola ususedolobheni eThekwini kade uqonde ukuya ePinetown.

Ukumisa itekisi ukhombe umunwe phezulu noma phansi kwenjwayelekile kepha ukungakushiya ezindaweni ezahlukene. Uma uKwaMashu,Ntuzuma naseNanda ukukhomba phezulu itekisi isuke iya edolobheni eThekwini kanti ukukhomba kanjalo useClermont kusho ukuthi uya ePinetown. Uma usayina ngokunyakazisa isandla sakwenza amagagasi eClermont/KwaDabeka usuke uya eThekwini kanti eNanda lesayini isho ilocal ukuya Ematabetuli noma ngaseBuhleni beseNtuzuma isho ukumisela ilocal uya kaBester. ELamontville ukukhomba phezulu usuye uya edolobheni eThekwini kanti ukukhomba phansi kusho ilocal lokhu kufana naseClermont ilocal uyimisa ngokukhomba phansi.

Uyabona ke ukuthi uma ungankile ungazithola usudukile. Kubalulekile ukuqikelela noma ukubuza uma ungenaso isiqiniseko ukuze ugweme ukuduka.

Article Summary

This article looks at how signalling a taxi in different townships can be similar yet take you to different places all together. It important to keep in mind where you are when you sign a taxi because you might find yourself at a different location from your desired destination. Be careful, or better yet, ask if you not sure to avoid this mistake.

Leave a Comment