Abantu baseMathuli 1770-1820

I-KZN, uMngeni kuya eMkhomazi kwake kwahlala umndeni wamaThuli. Cishe ngo-1770 abantu baseMathuli babaleka basuka enyakatho bayohlala ezweni eliphakathi koMfula uMngeni noMkomazi. Ngesikhathi sokubusa kukaShaka, induna uTusika Myeba, waqoshwa njengomuntu owayehlala endlini ebizwa ngokuthi iGwabalanda, endaweni eseyaziwa ngePinetown manje. Phakathi kuka-1818-1820 kwaqubuka ingxabano noShaka mayelana nenkomo elahlekile abantu bakwaLuthuli ababeyigadile. Ngokuziphindiselela uShaka wathumela impi yakhe eningizimu … Read more

I-Artificial Intelligence (AI) nomlando: Kufuneka abakhuluma isiZulu

Siza ukwakha umlando! Siyadinga ukuthi usize ukuhlola umlando waseNingizimu Afrika. Enye yezingqinamba lapho kufundwa umlando waseNingizimu Afrika ukuthi abawuhumushayo banama-akhawunti ahlukene omlando kuvame ukuba umuntu oyedwa kodwa esebenzise amagama ahlukene . Ukunquma ukuthi igama elithile libhekiswe kubani kunamathuba amaningi okuqonda kangcono umlando waseNingizimu Afrika. Kungasiza ekwenza ucwaningo ngomlando wangaphambi kwekholoniyali (pre-colonial) kanye nokwehlukaniswa kombuso ngamakholoni … Read more

Umlando waKwaMashu

IKwaMashu ingelinye lamalokishi okuqala aseThekwini. Yasungulwa ngo-1959 ngenxa ye-Group Areas Act. Iningi labantu abahlala ngaphakathi kwemingcele yakwaMashu badabuka eMkhumbane (Cato Manor). Abantu basuswa eMkhumbane ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo ngeminyaka yama-1950. I-Group Areas Act kwakuwuhlelo olwalusetshenziswa nguhulumeni wobandlululo ukuhlukanisa amaNdiya, amaKhaladi kanye nabantu base-Afrika ababehlala ndawonye ezindaweni ezifana naseMkhumbane eThekwini, eSophiatown, eGoli naseDistrict Six, eKapa. Ngaphambi kokusungulwa … Read more

Abantu bebala elinsundu babephucuzekile kwasekuqaleni!

Sekukaningi ngizwa inkulumo ehlose ukubabaza ukuhlwithwa komhlaba wabantu abansundu njengento okwathe mayiphela yashiya impucuzeko. Into eyingozi ngalenkulumo wukuthi iveza sengathi abantu abansundu babengathuthukile futhi babengenakuthuthuka ngaphandle kokufika kongxiwankulu kwelikamthaniya. Umlando uyakuveza kakhulu ukuthi ukutshala nokufuya kwadlala indima enkulu kakhulu entuthukweni yamazwe ngamazwe. Abalobi bomlando baveza ukuthi ingakacatshangwa nhlobo le yokwakha imikhumbi nokufisa ukwazi kabanzi ngezinye … Read more

Isizwe SakwaZulu

Kulenyanga yamagugu silindele ukubona abantu abaningi baseNingizimu Afrika besike imvunulo yesintu ngenhloso yokuqhakambisa ukuzigqaja ngobuzwe babo. Kuvamile ke ukuthi kube khona abantu abaveza ukuzazi ukuthi bayisiphi isizwe kodwa bengenalo ulwazi olunzulu ngobuzwe babo. Kuke kwenzeke-ke ukuthi loko kuswela kolwazi kwabo kunomsuka ekubeni buqamama nolwazi. Le ndatshana-ke ihlose ikusondeza ulwazi kulabo abafisa ukusondelana nalo ngendlela elula. … Read more

Umlando wendawo yaseTafuleni, eNanda

ETafuleni yindawo yaseNanda, eyindawo yasemaphandleni. Abantu bakhona banezindawo ezinkulu bayalima kanti kunanezimoba. Ngibe sengiba nengxoxo noGogo Louise Sithole ohlala khona eTafuleni osixoxele ngokuqanjwa kwalendawo. Wazalelwa endaweni yaseXobho ngonyaka ka 1940 ngo June 19. Endaweni yaseNanda walethwa ngumsebenzi wafikela endaweni yaseNtuzuma. Njengamanje uhlala eTafuleni emzini owayehlala namaNdiya khona. Uthi amaNdiya ayehlala nawo asuswa ngumasipala. Uthi umuzi … Read more