Amalokishi amaningi aseThekwini ayalungiswa ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi iTownship renewal: developing KwaMashu. Kusuka ngonyaka ka-2016 uMasipala weTheku uzibophezele ekulungiseni indawo yaKwaMashu ngokulungisa izindawo okubalwa kuzo iKwaMashu Station Traders Market, Inanda kanye neNtuzuma. Ukulungiswa kwalendawo yakwaMashu kufaka nokulungiswa komgwaqo obizwa ngokuthi uMalandela Road, wona oqalwe kabushwa ukulungiswa baphinde bakha nendawo yokuhamba kwamabhasi iGo Durban la azothatha khona abantu. Lomgwaqo uhamba ngase Newlands uze uyofika eBridge City. Akugcini nje ngokulungiswa kuka Malandela Road kepha khona neminye imigwaqo khona kwaMashu elungiswayo.
Lapha sibala noCurnick Ndlovu Highway, phambilini owawaziwa ngokuthi KwaMashu Highway. Ukulungisa kwalomugwaqo ohlangana nawo uMalandela Road kungenye yezindlela zokuthukuthukisa amabhizisini asemancane ngoba phela lemigwaqo iphambana lapha ngase Bridge City okuyilapho okunesiphithiphti khona sabantu kanye nezimoto. Akugcini lapho nomgwaqo uCurnick Ndlovu uyanwetshwa uhlanganiswa nePhoenix Industrial Park, njengoba kwaba nesabelo mali sika-R24 million ukuthi kufezwe lomsebenzi osuqaliwe. Kanti ke nomgwaqo obizwa ngokuthi Ingome Road khona kwaMashu usufakwe ama-speed humps ukuze izimoto zingahamba ngesivivini esikhulu khona.
Akugcini ngokuthuthukiswa kwemigwaqo kuphela kwi-Township Renewal, kepha kufakwa nezempilo njengoba umnyango wezempilo wenza isiqiniseko sokuthu kuvulwa ngokusemthethweni kwe KwaMashu Community Health Centre Clinic okungumtholampilo owavulwa umnyango wezempilo ngokusemthethweni, kwabe sekulandela nokwakhiwa kwesibhedlela iDr Pixley ka Isaka Seme Memorial Hospital okumele sivulwe ngaphambi kuka Julayi 2021. Kanti ke nomgwaqo wesifundazwe ozohlanganisa idolobha lasePinetown nendawo yaKwaMashu usuqaliwe ukwakhiwa, uqalwe eJosiah Gumede Road eduze kwedolobha lakhona ePinetown. Noma abantu behlezi benezikhalo ngokunganakwa uMasipala kodwa kuhle ukubona lemizamo kaMasipala yokulungisa izinsiza zomphakathi njengakho okwakhiwa kwemigwaqo, imtholampilo kanye nokulungisa izindawo zokuthi abantu bazisebenze njengalaba abanama bhizinisi emarenke amatekisi kanye nasezindaweni zokudayisa njengakhona esiteshini KwaMashu.