Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo. Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo … Read more

Usiko Lembeleko

Ngokosiko lesiZulu umntwana ozelwe uyisibusiso esivela kwabalele, okungamadlozi nakuMvelinqangi. Kungakho kumele enzelwe isiphandla noma imbeleko ukuze abikwe kuwona amadlozi okunenkolelo yokuthi asondelene noNkulunkulu. Isiphandla sitshengisa isiko lokumamukela kanti inyongo achelwa ngayo iwuphawu lokumxhumanisa namadlozi omndeni ukuze aziwe futhi avikeleke. Lomsebenzi wenziwa kubo kwengane (kubokababa) kodwa kuyenzeka kuhluke ukwenza ngezibongo, abanye bathi ingane yokuqala yenzelwa kubo kwayo nasekhaya konina. Umntwana angahlupha … Read more

Umthetho Ngokuthi Umshado Uphumela Kuphi

Lapha sizobheka ukuthi umabo kanye nomshado omkhulu kumele uphumele kuphi. Abantu baKwaZulu izinto zesintu kanye namasiko ethu bawenze ngenye indlela ongaze udideke uma ungesiye owakhona. Omunye umuntu okhule ewazi amasiko ngendlela ayenziwa ngayo kodwa manje abantu indlela abawenza ngayo sebazishintsha izinto abantu ababenza ngayo uma benza izinto eziphathelene nokushada. Kodwa indaba ivamise ukuthi yonakale ngenkathi … Read more

Umsebenzi Wokubuyisa Umuntu Ongasekho

Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kokuba ahlangane namanye amathongo noma amadlozi. Usuke engakalungiswa, kumele enzelwe umsebenzi agezwe, kuyima ehlanganiswa nomndeni wakhe. Umsebenzi wokubika Uma kuzokwenziwa lomsebenzi umndeni kufanele uqale ubikele amathongo noma … Read more

Umhlonyane noma ukukhuliswa kwetshitshi

Ukukhulisa ingane yentombazane ukuthi insizwa sezingayimisa noma ungalimisi ngembaba uyitshele kodwa abadala bayazi nokuziphatha kwakho kumele ushintshe awusezodlala lemidlalo yengane omasichozi ngoba usuke usungene kwelinye ibanga wena, nabazali bazisa izinyanya ukuthi sekungenzeka kube nensizwa evakashile elawini lalayikhaya ngoba sekunomuntu osekhulile .Kwenzelwa intombazane umfana cha. Ingane yentombazane ithi izelwe kuhlale isikhashana yenzelwe isiphandla bese kulandela umhlonyane … Read more