Isiko lokucima

Le ndatshana siyishicilelwe ngu-Phumla Msani waseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Yahlelwa nguMike Msani noNkosikhona Duma.   Isiko lokucimela lenziwela intombazane esike isilotsholiwe. Ukucimela kusho ukuyocela izipho komalume ngoba intokazi isuke isizohamba iye kogana. Intombazane icimela koninamalume. Uma intombazane iya kocimela, iye ihambe nempelesi okuyiyona ezoyikhulumela kubo koninalume. Umalume ohlinzayo uyaye enze isiqiniseko sokuthi intombazane iyalala ukuze ayihlabele imbuzi. Kuvame ukuthi … Read more

Umculo Wesintu

  Thina sizwe esinsundu ziningi izinto esizigqaja ngazo nesizithwele ngeqoma ezingamasiko ethu. Izinto esizibungazayo yimicimbi yesintu, imvunulo esihloba ngayo emicimbini ehlukene, ukudla esikumayayo kwesintu kanye nomculo wesintu. Lawa amaciko acikoza ngawo amaZulu.   Ziningi izinhlobo zomculo wesintu thina sizwe sikaZulu esiziqhenya siphinde sizigqaje ngawo. Kulezo zinhlobo zomculo wesintu kubalwa isicathamiya, umbhaqanga, imvunge, umasikandi kanye neminye … Read more

Usiko Lembeleko

Ngokosiko lesiZulu umntwana ozelwe uyisibusiso esivela kwabalele, okungamadlozi nakuMvelinqangi. Kungakho kumele enzelwe isiphandla noma imbeleko ukuze abikwe kuwona amadlozi okunenkolelo yokuthi asondelene noNkulunkulu. Isiphandla sitshengisa isiko lokumamukela kanti inyongo achelwa ngayo iwuphawu lokumxhumanisa namadlozi omndeni ukuze aziwe futhi avikeleke. Lomsebenzi wenziwa kubo kwengane (kubokababa) kodwa kuyenzeka kuhluke ukwenza ngezibongo, abanye bathi ingane yokuqala yenzelwa kubo kwayo nasekhaya konina. Umntwana angahlupha … Read more