Ukudla Kwesintu Okuphekwayo Nezilimo

Ukudla kwesintu Ukulima kwakubalulekile emandulo ngoba abantu babengasebenzi imisebenzi eholela imali. Ukulima kwakusiza ngokuthi badle noma bahlale bephilile. Ezikhathini zakudala zazingekho izitolo lapho abantu ababethenga khona ezinye izinsiza kupheka. Babethembele ezitshalweni zabo ukwenza impilo iqhubeke njengokuthi uma befuna ukwenza impuphu babewugaya ngokusebenzisa itshe lokugaya njalonjalo. Impuphu iyona eyayisetshenziswa kakhulu nemifino uma kudliwa uma siqhathanisa nesikhathi … Read more

Ukudipha izinkomo nokubaluleka kwako

Idiphu indawo eyakhiwayo buqamama nemizi yabantu, ngoba idinga indawo enkulu, bese kuba nendlu yokugcina imithi noma amakhemikhali asetshenziswa emanzini. Umdiphi uyafundiswa futhi ukuxuba lomuthi wokugeza izinkomo, ukuze angenzi iphutha ngoba lomuthi ungaba nobungozi uma ungathakiwe ngendlela. Idiphu lakhiwe ngezingodo eziqinile laba yindilinga noma ibe namakhona, bese kuba nendawo embiwe yashona yase ikhonkwa. Kungena inkomo eyodwa ngesikhathi. … Read more

Ukubaluleka kweZiko Ekhaya

Emandulo kwaZulu kwakuthi uma kuhlanganyelwe kuhleziwe endlini, kukhona isilili sabesilisa nesilili sabesifazane, esililini sabesifazane kuhlala izalukazi, omakoti kanye namantombazane. Esililini sabesilisa kuhlala umnumzane wekhaya, izinsizwa kanye nabafana. Phakathi nendlu kukhona insika, lensika phansi kwayo kukhona iziko. Iziko yilapho kubaselwa khona umlilo kuphekwe ukudla. Umlilo uyabaswa ngisho kungaphekiwe uma kubanda ukuze kufudumale endlini. Umlilo ubaswa ngezinkuni ezithezwa … Read more

Ubhongabhonga

Ubhongabhonga isihlahla esitholakala ehlathini. Siyazimilela, emakhaya bayasitheza benzela ukubasa mabepheka noma begodola. Sinephunga uma ungena ehlathini, kodwa uma sesomile asinuki. Futhi siyancinza uma sikuthinte emzimbeni usale unamaqhubu alumayo. Lesihlahla siyasiza uma ekhaya kuhlupha imvukuzane, ususa umhlabathi lapho ivukuze bese ugoqa ikhasi labhongabhonga ulifake emgodini – iyabaleka. Noma ihlupha ensimini idla ukudla okutshaliwe njengamazambane, izaqathi, ubhatata, konke … Read more

Red Soil

Ibovu ‘red soil’ is the kind of soil that you can get from the rural areas near the river or in the valley. Ibovu does a lot of work even though some people think that it is just a soil. It can be used to make muthi which is helpful and that heals children, the … Read more

Okuqashelwayo Ekhaya Uma Kuduma Izulu

Ngokwesintu kuyahlonishwa kakhulu uma liduma izulu, kangangoba kukhona izinto ezingenziwa uma izulu liduma. Abantu abaningi bayafa ngenxa yezulu, lokhu kuyasabisa. Izinto ezicwebezelayo njengamanzi, izibuko, ubisi kanye nokunye kuyambozwa, ngoba kudonsa umbani. Amawindi nezicabha kuyavulwa ukuze kungene umoya ngoba ukushisa nokuqgumelana ndawonye akufuneki kudonsa umbani. Uma kuduma izulu wonke umuntu ekhaya uhlala phansi ocansini kuzothwe umuntu uyeka … Read more