Ukudla kwesintu
Ukulima kwakubalulekile emandulo ngoba abantu babengasebenzi imisebenzi eholela imali. Ukulima kwakusiza ngokuthi badle noma bahlale bephilile. Ezikhathini zakudala zazingekho izitolo lapho abantu ababethenga khona ezinye izinsiza kupheka. Babethembele ezitshalweni zabo ukwenza impilo iqhubeke njengokuthi uma befuna ukwenza impuphu babewugaya ngokusebenzisa itshe lokugaya njalonjalo. Impuphu iyona eyayisetshenziswa kakhulu nemifino uma kudliwa uma siqhathanisa nesikhathi samanje lapho kukhona irayisi. Kuningi ukudla abantu ababekwenza njengesinkwa sommbila ababesenza ngokugaya ummbila.
Ukudla okuphekwayo
Ibhece – isilimo ekwenziwa ngaso ujeleza, kuvutshelwa ngempuphu.
Ubudibi – ukudla okuphekwa kubondwe kodwa kungathankwanga nalutho, njengobhatata, amazambane nethanga.
Idokwe – lenziwa ngamabele noma ngommbila kuyagaywa kube yimpuphu. Kumelele kulale embizeni kufakwe amanzi afudumale, kuse ngakusasa sekumuncu. Uma sekumuncu kuthiwa kubilile. Kuyiphalishi elimanzi kodwa elimuncu.
Udonca – yisilimo sesintu esikhula sibe side. Luyavunwa luhuwe lufakwe odengezini bese luyagaywa etsheni. Uma selugayiwe kuthiwa umbhuqwa lunonga umcaba.
Ifutho – ummbila omusha ophekwa nezikhwebu.
Uhlelenjwayo – wenziwa ngokuthi ngugxotshwe amazele noma imfe.
Ujeleza – ibhece elibondelwe impuphu.
Ikhuthu – inyama epholiswayo ibekelwe ukudliwa kamuva noma ibekelwe umphako.
Amadade – amazambane esintu anamakhasi amnyama. Aphekwa wodwa adliwe angashetshwa nalutho noma ashetshwe noma abondwe nempuphu.
Amagadangane – inhlama yommbila ogayiwe ebunjwa yenziwe izigaqana ibekwe ommbileni ophekiwe ize ivuthwe. Iyadliwa nenyama noma yodwa.
Umbhaqanga – iphalishi elishubile lempuphu yommbila noma yamabele.
Umbhantshi – wakhiwa ngamasica. Lapho esehluziwe afakwa amanzi ahlale izinsukwana. Bese kugaywa umcaba. Amavovo asetshenziswa ukuhluza amanzi bese kuhlanganiswa nomcaba.
Imbumba – kuphekwa izindumba noma ubhontshisi noma izindlubu bese kuthelwa impuphu kubondelwe ndawonye. Sekubizwa ngokuthi isigwaqane.
Izilimo eziningi abantu bayakwazi ukuzidla zodwa noma bazihlanganise nokunye ukudla:
Ubhonsi – kudliwa izimpande.
Udumbedumbe – uhlobo oluthile lwedumbe, kudliwa isigaxa esimila ngaphansi komhlabathi.
Ugalonci – uhlobo lweselwa.
Ugomu – isilimo esifana nebhece esidliwa luhlaza.
Uhlazaluthi – uhlobo oluthile lwezambane.
Uhlosa – kusakhambi ukumila kwakho, kudliwa amacembe nemiqumbu yakho.
Ujikwe – uhlobo lwembondwe, ubhatata.
Ikhabe – uhlobo lwebhece oludliwa luhlaza.
Amantongomane – amile phansi adliwa luhlaza noma ephekiwe.
Amaphuzi – uhlobo lwethanga olunesikhumba esidlakadlakazekile.
Amazele – izinhlanga ezisemanzi zommbila ezidliwa njengemfe noma zigxotshwe ziphekwe uhlelenjwayo.
Umsobo – isithelo sasendle esidliwayo noma kuphekwe amacembe aso.
Intondo – isithombo abantwana abadla izithombo zaso. Abantu abadala basidla uma beswele ngempela.
Insema – kudliwa imiqumbe yaso kuthi okuthela ngaphansi abafana badlale ngakho ukucupha izinyamazane.
Iselwa – isilimo esidliwa sisencane uma sesisikhulu kwenziwa ngaso amagula nezinkezo.
Mbusiswa Zuma
Yimi umbhantshi
Umbhantshi kungaba yiphalishi elijiyile elixutshwe nephalishi lommbila, noma kungaba yisiphuzo.
Umbantshi wenziwa ngamahlala noma ngamaviyo
Iphalishi elenziwe ngamanzi amazele