Emandulo kwaZulu kwakuthi uma kuhlanganyelwe kuhleziwe endlini, kukhona isilili sabesilisa nesilili sabesifazane, esililini sabesifazane kuhlala izalukazi, omakoti kanye namantombazane. Esililini sabesilisa kuhlala umnumzane wekhaya, izinsizwa kanye nabafana. Phakathi nendlu kukhona insika, lensika phansi kwayo kukhona iziko.
Iziko yilapho kubaselwa khona umlilo kuphekwe ukudla. Umlilo uyabaswa ngisho kungaphekiwe uma kubanda ukuze kufudumale endlini. Umlilo ubaswa ngezinkuni ezithezwa ehlathini. Eminye imizi ibiza inyanga ukuthi izoqinisa umuzi ngemithi yayo, ukuze umuzi uvikeleke emoyeni yabathakathi. Uma umuzi uqinisiwe amanzi akavumelekile ukuthi angeniswe ekhaya uma sekushone ilanga, ngoba kuthiwa izinto zabathakathi zicasha emanzini.
Ukuze amanzi angeniswe ekhaya kufakwa isikhuni esivuthayo ngaphandle komuzi. Ngokwenza lokhu imimoya yabathakathi iyabaleka, ngoba kukholakala ukuthi iyayisaba into eshisayo ngokunjalo nelanga. Yingakho izifo zibuya kakhulu ebusuku ngoba kusuke sekumnyama, futhi zingaphazanyiswa yilutho. Uma kugayiwe utshwala besintu ekhaya, kubonakala izulu lihloma, kuthathwa ilahle elivuthayo eziko lifakwe otshwaleni, ukuze umbani ungangeni otshwaleni, ngoba utshwala obungenwe izulu abuphuzeki buyatshoda.
Iziko lisemqoka ngoba kulapho kuhlanganyelwa khona kuxoxwe izindaba ezikhungethe umuzi, kulapho kuhlanganyelwa khona kuthathwe izinqumo. Iziko lisemqoka ngoba akukho nkulumo eba yimfihlo emndenini kodwa inkulumo izwiwa yiwowonke umuntu.
Iziko leli liphambi kwensika, okuyiyona emise indlu yonkana. Indlu ime ngokwesekwa yilensika. Okuthi-ke uma sekudlule umnumzane ekhaya bese kuthiwa kuwe insika yomuzi, ngoba umnumzane nguye oyisisekelo somuzi. Into esemqoka etholakala eziko, umlotha.
Umlotha ukhiqizwa yizinkuni ezibasiwe eziko. Yilomlotha ochithwa ezaleni laku lomuzi, kokunye lomlotha yiwona kanye okhothiswa izilwane nemfuyo yakulomuzi. Ngisho nengane ezelwe ikhothiswa umlotha, ukuze ingethuki lapho ilele ebusuku. Ngakho-ke iziko lizala umlotha kanjalo nezala lapho kuphanda khona izinkukhu. Umlotha uphinde welaphe umuntu ophethwe isisu, ngokuhlanganisa amanzi bese efaka umlotha agoqoze aphuze. Umlotha uphinde usetshenziswe amalunga ebandla laseZayoni ukwelapha ngawo izifo ezahlukahlukene.
Source: Mkhize V.V. 2009. Umsamu: The New African Business Literacy. Kowres Publishers. Johannesburg
By: Bongiwe Ndlovu