Umkhosi Womhlanga

Ukufika kweCovid 19 kushintshe izinto eziningi. Umkhosi Womhlanga oba khona minyaka yonke ngomunye wemigumbo omkhulu obuthintekile. Ngonyaka owedlule (2020) ngenxa yemigomo yeCovid lomcimbi wenzewa usuku olulodwa esikhundleni sezinsuku eziwu-4. Kusenjalo nezintombi zamiswa kwamenywa izintombi eziwu-30 kuphela ukuzothamela lomcimbi esigodlweni eNyokeni, kwaNongoma. Yize kunombango ngesihlalo sobukhosi ngemuva kokukhothama kwenkosi yamaZulu uGoodwill Zwelithini Zulu owalandelwa eduze undlukulu … Read more

Ukuhamba kweSilo (Umkhosi womhlanga)

Zife olwembiza izintombi zoMkhosi Womhlanga ngemuva kokukhothama kweSilo Samabandla, ebesizikhuthaza izintombi ngokuzigcina, ngokuzithiba ocansini. Akekho ongakhali ngokukhothama kweSilo, kepha okwezintombi zomhlanga ukukhala kuzwele kakhulu ngoba akekho ongazi ukuthi bazihamba phambili kuBayede njengoba bekunguye obehamba phambili ekuyaleni izintombu ukuthi zihloniphe imzimba, ukuzigqaja ngesiko, isintu kanye nokuhlala ngentombi. Bagqemeke engeqewi ntwala ingozi abaqapha bephinde behlole izintombi. Bakhala … Read more

Amahubo ashiwo eMhlangeni

Kulenyanga esiphuma kuyo, sike sabona izintombi zesizwe samaZulu zilubhekise emhlangeni. Angeke nginabe kakhulu ngalomkhosi ngoba Ulwazi seluke labhala kaningana ngomkhosi womhlanga. Kanjalo sesike saphinda sabhala ngamaculo ahutshwa kakhulu uma kumulwa. Kule ndatshana-ke siqhakambisa umaculo ahutshwa uma kuseMhlangeni. La mahubo siwathole embhalweni ka-Khumalo Msawenkosi (2008: 83). Zulu Bayishintsha Inkosi Oqalayo: Bayede We Ndabezitha Abavumayo: Zulu wayishintsha … Read more

Izincazelo ngokuhlolwa kwamantombazane

Usiko lokuhlola amatshitshi lunomlando omude kakhulu esizweni samaZulu. Kanjalo nje, njalo ngonyaka izintombi nto zakithi zithabatha umhlanga ziyibhekise esigodlweni seSilo samaBandla eNyokeni kwaNongoma. Lo mcimbi waziwa ngokuthi umkhosi womhlanga. Ubaluleke kakhulu emindenini eminingi yamaZulu ngoba ilapho ithola khona ukuzigqaja ngezintombi zayo. Kamuva nje, lolu siko seluthole ukusoleka kakhulu kwezinye izinhlaka zezwe, kubekwa ikakhulukazi ukuthi lixhaphaza … Read more

uMkhosi woMhlanga

The annual reed dance, that sees tens of thousands of young women gather at King Goodwill Zwelithini’s Enyokeni Royal Palace, took place over the past weekend in Eshowe. After dancing their way to the palace the maidens present the king with long reeds as symbols of their purity. In addition to preserving an important Zulu … Read more

Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi

Ukuhlolwa kwezintombi ezinye zezinto thina sizwe samaZulu esiziqhenya ngakho futhi esikubungazayo. Umkhosi womhlanga ugujwa njalo ngonyaka esigodlweni seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini Zulu uMntwana kaMageba Enyokeni kwaNongoma. Kusuka izintombi ezisuka ezigodini ezahlukene zize kulomkhosi. Izintombi ziyaye ziphathe umhlanga zithathe uhambo oluncane la ezisuka ziyobuka khona. Uma umhlanga ungaphukanga ohanjweni intombi iwuphethe, kusho ukuthi iyintombi nto.   … Read more