Izincazelo ngokuhlolwa kwamantombazane

Usiko lokuhlola amatshitshi lunomlando omude kakhulu esizweni samaZulu. Kanjalo nje, njalo ngonyaka izintombi nto zakithi zithabatha umhlanga ziyibhekise esigodlweni seSilo samaBandla eNyokeni kwaNongoma. Lo mcimbi waziwa ngokuthi umkhosi womhlanga. Ubaluleke kakhulu emindenini eminingi yamaZulu ngoba ilapho ithola khona ukuzigqaja ngezintombi zayo. Kamuva nje, lolu siko seluthole ukusoleka kakhulu kwezinye izinhlaka zezwe, kubekwa ikakhulukazi ukuthi lixhaphaza … Read more

Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi

Ukuhlolwa kwezintombi ezinye zezinto thina sizwe samaZulu esiziqhenya ngakho futhi esikubungazayo. Umkhosi womhlanga ugujwa njalo ngonyaka esigodlweni seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini Zulu uMntwana kaMageba Enyokeni kwaNongoma. Kusuka izintombi ezisuka ezigodini ezahlukene zize kulomkhosi. Izintombi ziyaye ziphathe umhlanga zithathe uhambo oluncane la ezisuka ziyobuka khona. Uma umhlanga ungaphukanga ohanjweni intombi iwuphethe, kusho ukuthi iyintombi nto.   … Read more