Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi

Ukuhlolwa kwezintombi ezinye zezinto thina sizwe samaZulu esiziqhenya ngakho futhi esikubungazayo. Umkhosi womhlanga ugujwa njalo ngonyaka esigodlweni seSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini Zulu uMntwana kaMageba Enyokeni kwaNongoma. Kusuka izintombi ezisuka ezigodini ezahlukene zize kulomkhosi. Izintombi ziyaye ziphathe umhlanga zithathe uhambo oluncane la ezisuka ziyobuka khona. Uma umhlanga ungaphukanga ohanjweni intombi iwuphethe, kusho ukuthi iyintombi nto.

 

Ukuhlola kwezintombi yenye yezinto ezibungazwayo kwaZulu ngoba kusuke kuzigqajwa ngokuziphatha kahle kwezintombi okuyizimbali zesizwe sakithi esifuna ziqhakaze. Ukuhlolwa kwezintombi kwenza ngisho abazali bazo bazishaye isifuba ngezintshikizane zabo eziziphethe kahle.

 

Uma kuwumkhosi womhlanga izintombi zisuka ezindaweni ezahlukene, ziyaye zihlobe ngemvunulo yesintu okuba yizigege, ubuhlalu nemiqhele bese ziveza amabele kanye namathanga, lokho okutshengisa ukuthi leyontokazi intombi nto! Kuyichilo elibi esiZulwini ukuthi intombazane iveze noma ihambe ngamabele namathanga uma ingasesiyo intombi nto.

 

Intombi esilahlekelwe ubuntombi bayo kumele ifihle umzimba wayo, okuthi uma ingakwenzile lokho kuwukuthunaza nokwehlisa izintombi zendawo isithunzi nokungazihloniphi ezisaziphethe kahle.

 

Ekuqaleni ukuhlolwa kwezintombi esigodlweni Enyokeni nokuphatha komhlanga bekuyisiko lamaZulu kuphela, kodwa manje nezinye izinhlanga sezibungaza kanye nesizwe samaZulu Enyokeni ngoNtulikazi, njengoba nezintombi zaseSwaziland ziyaye zifike kulomkhosi.

Ngosuku lomhlanga umama nezalikwazi ezihlola izintombi ziyaye zibe khona ukuzoqaphela lezizintombi baphinde bazisize ngokuhloba noma ngokuvunula.

 

Lomkhosi owasungulwa “iSilo samaBandla onke, uBhejane ophume esiqiwini” uyaye uhanjelwe izivakashi eziningi futhi awukhethe muntu. Ngisho nabesilisa imbala bayalubhada emkhosini, kodwa njengabantu ababungazayo bezobuka izintombi zihlobile ngemvunulo futhi zishaya ingoma, ngoba zibuye zigide ingoma zijabulela ukubungazwa ukuziphatha kahle kwazo okuncomekayo.

 

Uma kubungazwa umkhosi womhlanga uMntwana uyaye ahlabe izinkomo ezizomaywa kube nomcimbi kubuswe. Lokhu kusuke kutshengisa ukuthi iSilo sithokoze kangakanani ukubona isizwe saso sikhula futhi sidlondlobala nokusibona isizwe sibungaza okungamagugu kuso.

 

Reed dance

 

The Reed Dance is a traditional celebration by the Zulu Kingdom at KwaNongoma (Enyokeni) where His Majesty King Goodwill Zwelithini Zulu invites young virgin girls from different communities, where they carry reed from one place to another at the palace, in which the mighty Zulu King prepares a feast for them to show gratitude as these girls have reserved themselves from sexual interaction which is forbidden before marriage in Zulu culture.

 

The Zulu Reed Dance is no longer about only the Zulu people as other tribes have been welcomed over the years to take part in it such as girls from the country of Swaziland. During this ceremony the young girls wear traditional material which only hides their private parts and shows their breasts and thighs. This is only allowed for girls who have not yet been sexually active, because girls who have already been exposed are not allowed to show their breasts to the public and their thighs as it represents disrespect to the girls who have abstained from sexual intercourse.

8 thoughts on “Umkhosi womhlanga – Ukuhlolwa kwezintombi”

  1. Tnx 4 sharing this….this is my mom’s phone kodwa I studied it and wat is u said is true mina ngyahlolwa nd ngiyaya eNyokeni eMkhosini Womhlanga sum ppl say ukuthi this is bad the King jst wants to see izingane zabantu ziNaked😔okungalona iqiniso plus thina izintombi nto siyazikhethela ngoba sizigqaja ngobuntombi bethi
    Nqobile Yolanda Ntuli

    Reply
  2. Kuhle ukuziphatha kahle sizwe sakithi kwazulu uziqhenye nje ngobuntombi bakho kanye nabazali bakho bazigqaje ngawe njengoba kuzoyiwa enyokeni ngiyathemba ajabulile amatshitshi phezulu ngokuziphatha kahle phezulu Hleziphi Dlamini

    Reply
  3. Good day

    My name is Portia and would love to have girl in carletonville to participate
    Please help me

    Reply

Leave a Comment