Ukuhamba kweSilo (Umkhosi womhlanga)

Zife olwembiza izintombi zoMkhosi Womhlanga ngemuva kokukhothama kweSilo Samabandla, ebesizikhuthaza izintombi ngokuzigcina, ngokuzithiba ocansini. Akekho ongakhali ngokukhothama kweSilo, kepha okwezintombi zomhlanga ukukhala kuzwele kakhulu ngoba akekho ongazi ukuthi bazihamba phambili kuBayede njengoba bekunguye obehamba phambili ekuyaleni izintombu ukuthi zihloniphe imzimba, ukuzigqaja ngesiko, isintu kanye nokuhlala ngentombi.

Bagqemeke engeqewi ntwala ingozi abaqapha bephinde behlole izintombi. Bakhala nangokuthi abasivalelisanga nakahle kuBayede ngoba ngonyaka odlule awugujwanga Umkhosi Womhlanga ngenxa yakubheduka kwesifo i- Covid-19. Uhulumeni wavala imcimbi kanye nemkhosi ebungazwa abantu ukunqanda ukubhrbhrthrka kwalesi sifo.

Usiko KwaZulu yinto esizigqajayo ngayo futhi ethakaselwa kakhulu abantu nhlangothi zonke ikakhulukazi imigubho yesintu ngokwehlukana kwayo, ingakho kungamangazi ukubanengebhe kwesizwe sikaZulu ngokuthi kungenzeka isasasa lomkhosi womhlanga lifiphale ngenxa yokulahlekelwa uNgangezwe lakhe. Bekunguye obebasa, akhwezele aphinde avuthele umlilo Womkhosi Womhlanga ukuthi ubungazwe uphinde ube nesasasa. Izintombi zinxuswa ukuthi ziqhubeke noMkhosi Wmhlanga noma iSilo sesingasekho ukutshengisa ukuthi iziyalo zaso aziwelanga emhlane wedada.

Kuzwelile ngampela ukukhothama kweSilo njengoba, izinduna zezintombi zikhala zikhihla esikaNandi, lapha sicaphuna Induna yezintombi nto eNtuzuma, uNksz Nondumiso Dladla (33) owaqala ukuhamba uMkhosi Womhlanga eneminyaka eyishumi nane uthi “awehlanga kahle umbiko wokukhothama kweSilo. Wabe esewuhlaba ewulawula owokuthi izintombi zihambe phezu kweziyalo ebezihleli ziyalwa ngazo, ukuziphatha kahle”. Uqhube wathi “Kuningi iSilo ebesihlala sisifundisa khona nokwenza izintombi zilokhu ziqhubeka nokuzigcina. Ngiyafisa ukuthi ngokukhothama kwaso siqhubeke nezimfundiso zeSilo singapheli amandla. Sishayekile kubuhlungu ngoba besinethemba njengoba ebesesibhedlela kodwa sizoduduzana siqhubeke nokuwuhamba uMkhosi Womhlanga,”

Leave a Comment