Usiko lokuhlola amatshitshi lunomlando omude kakhulu esizweni samaZulu. Kanjalo nje, njalo ngonyaka izintombi nto zakithi zithabatha umhlanga ziyibhekise esigodlweni seSilo samaBandla eNyokeni kwaNongoma.
Lo mcimbi waziwa ngokuthi umkhosi womhlanga. Ubaluleke kakhulu emindenini eminingi yamaZulu ngoba ilapho ithola khona ukuzigqaja ngezintombi zayo.
Kamuva nje, lolu siko seluthole ukusoleka kakhulu kwezinye izinhlaka zezwe, kubekwa ikakhulukazi ukuthi lixhaphaza amalungelo abantu.
Kodwa labo abalwenzayo futhi asebeneminyaka kulo basakuqhakambisa namanje ukubaluleka kwalolu siko. Ngike ngathola ithuba lokukhuluma noGogo uMaDuma Nokwazi Mbili (76) eseneminyaka esondela kwengamashumi amahlanu enza umsebenzi wokuhlola amatshitshi.
Engxoxweni yami naye ungichazele ukuthi usiko lokuhlolwa wukuziqoqa kwamantombazane futhi kuwukukhula nolwazi olunzulu ngemvelaphi yesizwe samaZulu. Uphinde wathi intombazane ehlolwayo izinika amathuba okuthola ukuyaleka ngempilo ukuze ikwazi ukuvikeleka ezifweni zocansi futhi ibe nekusasa eliqhakazile nasemendweni yayo.
UGogo uMaDuma ube eseyachaza ngokuningi, wabeka umehluko phakathi kokuqoma nokujola, wabika ukuthi ukusoma kungcono kunokuvumela umfana ngemuva.
Lalela ngaphansi ingxoxo yami naye, uthole ulwazi:
Indodakazi kagogo uMaNgcamu lapha uchaza ngokuthi kwenzekani uma kuhlolwa kanti usizo lutholakalaphi.
Ngokuchaza kukagogo, uma ulalelisisa kahle, uzobona ukuthi ukusoma kugunyaziwe.
Umyalezo kulabo abathi ukuhlolwa akuhambisani namalungelo abantu.
Ekuvikeleni umphambili kuphela kodwa umuva kungena – lapha uchaza ukuthi kungcono ukusoma.
Intombi esahlolwa kodwa esiqomile, nawu umyalezo wayo.
Brief overview
The above article is about the virginity testing practice. In the ensuing debate about whether or not the practice is still favourable in the modern era, the author takes a stance which grants credence on the necessity to respect customs and appreciate the benefit that is derived from such cultural practices. Also important to consider is the fact that those who still perform the practice do so voluntarily and without the use of any force being imposed upon them. The article includes recorded voice clips which give the reader and/or listener a perspective on the role of the virginity testing practice by offering the views of those advocating for its perpetuation. In the case of the article, 76-year-old MaDuma Mbili, a virginity tester is consulted.