Umehluko phakathi kwesisho nesaga
Isisho: Asiwona umusho ophelele. Isaga siyavuma ukushintshashintsha silandele inkathi yamanje noma inkathi ezayo noma inkathi esidlulile.
Isaga: Siwumusho ophelele, isaga singumphumela wento eyenzeka ezintweni ezikhona ezweni lokho okushiwo yisaga akushayi phansi.
Izisho
- Ukudla mfundambili njengemboma: Ukufuna izinto zonke zibe ngezakho, ukuba yigovu
- Ukubuya nempande yesikhova: Usuke ungazuzanga lutho
- Ukufinya ngolimi njengenkomo: Ukweswela izinto eziwusizo, ukuba hlwempu
- Ukusenga ezimithiyo: Ukuqamba amanga
- Ukudla wesulele phansi njengenkukhu: Ukwenza izinto ube uphika
- Ukuqaphe eqolo njengonwabu: Ukuqikelela noma iyiphi ingozi engase ikwehlele
- Ukuba yinkomo enombala: Ukwaziwa abantu bonke ukuthi ungumuntu onjani
- Ukungena ngenxeba njengempethu: Ukusondelela umuntu lapho ebuthaka ngakhona
- Ukondlela impuku eweni: Ukwenza into engeke yakusiza ngalutho
- Ukudla ezamahole: Ukuzifaka wena ngokwakho enkingeni
- Ukuhlangana nezimbila zithutha: Ukuvelelwa yinkinga
- Ukuwa ngophondo: Ukuba sesimweni esibucayi ongeke ukwazi ukuzikhipha kusona
- Ukubamba inkunzi ngezimpondo: Ukugasela umuntu oyingozi
- Ukuwa ngoboya: Kubengozi makhaza
- Ukukhahlelwa indlovu esifubeni: Ukungabi nesifuba uhamba uhefuza izindaba
- Ukubik’ imbiba ubik’ ibuzi: Ukusho lokhu nalokhuya uzama ukuzithethelela
- Ukuseng’ inkomo nethole: Ukungabi nasimilo uyindoda, uzwane nenkosikazi ubuye uzwane nendodakazi
- Ukutonda esithebeni njengengonyama: Ukwenza into engakhombisi inhlonipho
- Uluma upholisa njengegundane: Ukuba ngumzenzisi nexoki, wone umuntu ngokwethemba ukuthi uzoxolisa
- Ukucela empunzini: Ukubaleka ngenhloso yokuziphephisa engozini
- Ukuginga ithodlane: Ukuphuza udakwe
- Ukuhlokoz’ inyoka isemgodini wayo: Ukuqala umuntu oyingozi nongahle akwenze kabi
- Ukukhwela phezu kwendlu njengenja: Ukukhombisa indelelo noma ukugila imikhuba
- Ukulala ngenkomo: Ukulindela noma isiphi isimo esingahle sikwehlele
- Ukushaya ingede ngoju: Ukubuyisela ngokubi kumuntu okusizile wakwenzela okuhle
- Ukubophela amanqin’ enyathi: Ukwethwesa umuntu icala angalenzanga
- Ukomel’ othini njengentethe: Ukuswela into ungalutholi usizo
- Ukukheth’ iphela emasini: Ukubandlulula, ube nesandla esivuna labo obathandayo
- Ukudlel’ emkhombeni wempaka: Ukuhlupheka
- Ukuphuma kwenqina ebhodweni: Ukuphunyuka komuntu esevinjezelwe
English Translation of above idioms
- To be very greedy and wanting everything to be yours
- Having gained nothing after a lot of having put all your energy onto something and expecting good results
- To be lacking useful things or to be poor.
- To tell lies
- Doing things and denying them.
- To be on a look out of any danger that may come your way.
- Knowing everyone’s characters and behaviour.
- Using another person’s weakness to gain access to them
- Doing something that will not help you at the end
- Putting yourself into trouble
- Facing troubles which are of a bigger challenge
- To be in a situation where you can’t really help yourself out but need someone to help you out
- To attack and face head on someone who is dangerous
- Unfortunate incident
- Being unable to keep a secret
- Saying many different things when asked something that required one answer
- To be a man with no values on sexual related matters, dating a mother and her daughter at the same time
- To be disrespectful
- To hurt someone and making them better at the same time
- To run away for protection or taking cover
- To get drunk
- To offend someone who is potentially dangerous and could hurt you
- To be very cheeky
- To await anything that could happen to you
- To hurt or destroy in return someone who has done you a lot of good
- To blame someone or claim someone has done something wrong meanwhile they are innocent
- To be helpless and without anyone to assist you in a particular thing you need help with
- To escape when you’ve been tightly corned
- To be poor
- To be picky and chose only those that are closer to you
Izisho ezimayelana nezimila
- Ukuthezela entanjeni: Ukuzilinganisela noma ukwenza into engangamandla akho
- Ukuthunga intebe: Ukwenza into engasoze yaphumelela
- Ukuzalelwa esithebeni: Ukuzalwa ngabazali abami kahle, ungasweli lutho
- Ukuphind’ iminyane isibhuliwe: Angikwazi ukukhuluma udaba oselukhulunyiwe
- Ukudl’ imbuya ngothi: Ukuswela ukudla, umuntu ophila kalusizi
- Ukuhlub’ dlubu ekhasini: Ukuchaza ingcaca ubeke izinto obala
- Uthinte ubhece esafinya: Ukuba hlwempu, uyisilambi
- Ukwanda ngomlomo njengebhenge: Ukukhuluma kakhulu kanti ukwenza kuyakwehlula
- Ukushaya ngemfe iphindiwe: Ukuhlohla noma ukuyenga umuntu, noma ukumenza ezibukwayo
- Ukuthukusela [umuntu] ugaba othuthwini: Ukufihlela umuntu iqiniso bese umvezela engasalindele
- Ukufihl’ induku emqubeni: Ukufihla isu noma into ozomangaza ngayo unqobe
- Ukuthela muva njengembumba: Ukunganakwa noma ubeka iseluleko okumele silandelwe baze bazisole kamuva ukuthi ukuba bebekulalele ngabe ububi abuvelanga
- Ukukhamel’ ikhambi ekhanda: Ukuphatha ngesihluku nonya, ukufundisa umuntu isifundo angena kusilibala
- Ukutheza olunenkume: Ukuzilandela inkathazo
- Ukumuka ngendle njengamabele: Ukunyamalala, ukuhamba ungavalelisi
- Ukushisela imbudle: Ukufaka umuntu enkathazweni
- Ukugaya izibozi: Ukuthukuthela kakhulu
- Ukuba nhlangazimuka nomoya: Ukungabikho kosizo, isimo esibucayi siyabhebhetheka
- Ukushiy’ induk’ ebandla: Ukuzala umntwana oyosala wena sewafa noma ukubeka iqhaza kokwenziwayo
- Ukuncind’ uthi lomkhangala: Ukulandelwa amashwa
- Ukuthint’ ukhuni lombangandlala: Ukwenza into engenampumelelo, ukubuya ulambatha, ukuzifaka enkingeni
English Translation of Zulu Idioms associated with nature or trees
- To do what your strength can carry
- To do something that will never succeed
- To be born in a rich family and hardly ever be in want
- To refuse to repeat what has been discussed already
- Poverty stricken
- To explain something that is very clear and obvious.
- To be really poor
- To have a lot to say and little of action
- To deal with a person severely
- To hide the truth from someone and only reveal it when they have forgotten about it or less expect it
- To surprise
- Doing something without and positive outcome
- To teach someone a lesson they could never forget
- To attract bad things for yourself
- To disappear without a trace and not even say goodbye
- Making another person to worry
- To be very angry
- Things going from bad to worst
- Leaving a good mark behind for people to follow on the good example
- Being followed by bad luck everywhere you go
- When you give advice to people and they don’t listen or pay attention to you until something bad happens then they regret for not listening
By: Nelisiwe Hlongwane
Translation by: Mbusiswa Zuma
Incazelo yezisho nezaga iyadida, ngathi inephutha