Ukuhumusha nokutolika

Njengomuntu olukhonzile ulimi, ngike ngizihluphe ngokufisa ukwazi kabanzi ngamagama nokusetshenziswa kwawo olimini. Ngenkathi ngizifundela ngokwami, ngihlangane nolwazi ngamagama amabili ebengikaze ngilunake ngaphambi kokuhlangana nemibhalo kaBongiwe Mthethwa, ewuveza kahle umehluko phakathi kwalamagama. Ngikhuluma ngegama lokuthi ‘ukutolika’ nelokuthi ‘ukuhumusha’.

Ngokuchaza kukaMthethwa, ukuhumusha nokutolika, yize kucishe kufane, kunomehluko obalulekile okumele uqondwe abathandi nabasebenzisi bolimi.

Imibhalo kaBongiwe Mthethwa (2010) iwuveza kahle lo mehluko. Ukuhumusha ngesiNgisi kubizwa ngokuthi i-translation. UMthethwa uloba ukuthi ngokuka-Newmark (1982: 7), igama elithi translation ulichaza ngokuthi ukuhumusha ubuciko bokuzama ukwethula umbiko ngendlela yokubhala ukusuka kolunye ulimi uya kolunye ulimi, kodwa ungaguquki kulokho okushiwoyo.

UMthethwa ube esebeka lesisibonelo:

IsiNgisi: “Sipho is going to town.”
Okuhunyushiwe: “USipho uya edolobheni.”

Umehluko phakathi kokuhumusha nokutolika

Ngokuchaza kukaMthethwa, ukuhumusha ukuguqula inkulumo esuke ibhalwe ngolunye ulimi uyishintshele kolunye ulimi.

Njengokuthi nje: “John loves Mary”.
NgesiZulu: “UJohn uthanda uMary”.

Ushintsha okubhaliwe ngesiNgisi ukuse esiZulwini.

Ukutolika ulinda umuntu akhulume ngolunye ulimi, bese usho lokhu akushoyo ngolimi olusuke lwaziwa yilabo bantu abasuke belalele. Uma utolika awubhali phansi, uyakhuluma.

Njengokuthi nje: “Mother says…”

“Umama uthi…”

Lowo okhulumayo uyamlinda asho lokhu akushoyo, bese umlandela ngemuva.

Ngamafuphi lokhu singakuchaza kanje:

Otolika lo msebenzi kumele bawenze ngaleso sikhathi lowo okhulumayo ekhuluma. UMthethwa uveza ukuthi ngakwelinye icala, uma sibheka abahumushi bona basebenza ukuthi babhale ngobuchwepheshe ingxenye ethile, bathi uma beyihumusha, ingawushintshi umqondo kulokho okuhloswe okushiwoyo. Abanye abahumushi bayaye badinge umtapo wezincwadi ukuze bathole izichazamazwi, izincwadi ezithile ezizobasiza ukuthi babeke kahle into abasuke beyihumushela kolunye ulimi. Kodwa ukuxhumana okubhalwe phansi akuguquki. Otolika kudingeka bashintshe isimo, izwi noma iphimbo uma betolika. Abahumushi bayakwazi ukuthi babeke ngendlela yabo uma bebhala, kodwa otolika kudingeka into bayisho injengoba ishiwo yilowo osuke ekhuluma bangeqi nolulodwa uhlamvu.

Article overview

This article distinguishes the differences between the practices and application of translation and interpretation in terms of conventions of Zulu linguistics. It takes guidance from literature by Bongiwe Mthethwa (2010).

Leave a Comment