Tulile Siguca

Tulile Siguca is a Grahamstown-born, Durban-based poet who is also the chairman of Izibongi Zesimanje/Nowadays Poets. I have uploaded his performance here (recorded on October 21, 2017 at the Playhouse Theatre in Durban) because I believe he has a very important message which needs listening to. He touches a nerve and forces his audience to … Read more

Nkosi Gumede – Uxolo lusangabaza

Nali igagu ngamazwi, imbongi uNkosi Gumede, edlulisa imizwa yakhe ngesimo senhlalo nobulungiswa eNingizimu Afrika, emva kwalokho ekubukeka sengathi izinhlelo zokuqaqa amagomagoma okuhlithwa komhlaba nobandlulo kuleli. Le Nkondlo wayihaya ePlayhouse Theatre eThekwini mhla ziyi-21 October 2017. Impela ukuze uyiqonde kahle le nkondlo kudingeka ukuba ujule, namehlo engqondo uwavule kabukhali. Above is a spoken word performance by … Read more

Intombi ishelwa ngamanga

Intombi ishelwa ngamanga! Igama lenkondlo yezinsizwa zaseMahlongwa. Sisasenyangeni yezamasiko, ngiyabeka ngiyagqugquzela ngithi njengabantu abasha, masingaludeli ulimi lwethu. Asihaye, sibhale, siphinde sikhulume ngolimi lwethu ngoba uma lingalahlwa yithi liyophunyuka unomphelo. Kuhle lokhu okwenziwa ilezi zinsizwa ezikule-video engezansi. Ngithi nabanye mabenze, baqhubeke bagiye ngosiko nangolimi lwethu. Akube sesitayeleni ukwazi ulimi lwethu. Asingakugqugqezeli futhi singakuncomi ukunyukubezwa kolimi namasiko … Read more

Izibongo zabashadikazi

Ulwazi Programme lwabhala ngokubongela ngonyaka ka-2015, bheka kule-link uma ufuna ukufunda kabanzi. Kule-video engezansi, sibona imbongi ibongela abashadikazi osukwini lwabo lomshado. Inkondlo yembongi: Inamandla! Yabona kukuhle ukuthi indoda ibe nomsizi wayo, Ngalawa maringi lawa, kunezivumelwano ezinhle. Yebo yaqala impilo entsha, Yajabula eyakwethu. Zagiya ezakwaShange zathi, umakoti ungowethu, Uzosiwashela asiphekele! Konke okuhlanganiswe nguNkulunkulu kuhle Futhi akunakuhlukaniswa … Read more

Izinyembezi zikamame

Izinyembezi zikamame Aphelile amankemvu agambaqa, sishawa ngisho sesingavikile Igad’ idinile noma sesikhala ezomfelokazi kodwa ushwele lutho Lafa laphel’elikaPhunga sibhekile, sibuka udwendwe lwezinyembezi, Zigobhoza, zehla ngenjomfudlala zichithekel’ ogwaduleni Yeka amandl’ esambane, siwa sivuka silwela ukuthambisa izinhliziyo, Ezikhala igazi, siwa sivuka silwela ukupholisa ulaka lwababulali Abashay’ imbokodo nesisekelo beshiya abafelwa nezintandane   Lenkululeko sayimitha sayibeletha kodwa ifana … Read more

Vuka Muntu Omusha

    Muntu omusha Wena gugu la namuhla Wena nzalabantu yakusasa Ndlalifa, wena utotosiwe. Wena uthandiwe. Wena uvulelwe amathuba kwathiwa izinhlelo mazibeke Wena nekusasa lakho phambili.   Wemame! Ukhohlisa bani? Vuka emaqandeni, Vuka ebuvileni! Indlu emnyama iyasha, Abantu bayakhala indlala, Ikati lilele eziko, Inkululeko yagcina ngokubikwa.   Bazibile. Wena unethezekile.   Isimo simuncu. Iphunga libi. … Read more