Izinyembezi zikamame
Aphelile amankemvu agambaqa, sishawa ngisho sesingavikile
Igad’ idinile noma sesikhala ezomfelokazi kodwa ushwele lutho
Lafa laphel’elikaPhunga sibhekile, sibuka udwendwe lwezinyembezi,
Zigobhoza, zehla ngenjomfudlala zichithekel’ ogwaduleni
Yeka amandl’ esambane, siwa sivuka silwela ukuthambisa izinhliziyo,
Ezikhala igazi, siwa sivuka silwela ukupholisa ulaka lwababulali
Abashay’ imbokodo nesisekelo beshiya abafelwa nezintandane
Lenkululeko sayimitha sayibeletha kodwa ifana nephundlile
Usizi lwezintshikazi nezaguga zakithi sigiya ngazo njengethambo
Ubunzima besimame sibubukela phansi njengomalob’ embadada
Ngikhalela umame yena owakhulelwa wathemba ukuthi uzozala indoda,
Ezododa kanti uzochamsela amaguncu abole ngaphakathi njengegula lamasi
Kanti lezinyembezi zezintshikizane eseziphenduke ugubhu zishaywa zigobhoza,
Ziyoze zibe umfula njengoba ziyinkasa nje, lesisililo sezintomb’ ezindala zihlukunyezwa
Siyokhala njengecilongo lempi kuze kube nini?
Wakhala wazijwiba phans’ umame, efa kabili imfakabili okomkhovu ebulawa
Iminjunju iphelekezelwa isilokozane sosizi sokuhlukunyezwa enganamandla,
Okuziphindesela.
Thina madod’ angadodile siyakutshiswa inyoka uma singayeka udlame
Thina madod’ angaphusile siyohlonywa ‘lwegwalagwala uma singayeka,
ukunukubeza abesimame
Thina bakhephayane abacabangisa okosana, siyoqheliswa ngomqhewe wengwe,
Uma singayeka ubudlova bokubulala abangenacala sishiye kukhal’ ebhungezi emagcekeni
Thina zinsizwa siyohlabana uma uhlanga luwe ngendlela, abesimame sebekhululekile
Thina zinsizwa siyokhothanyelwa njengamakhosi uma singayeka ukuyishay’ emuva siyishaye phambili ngobuxoki nokuhlukumeza.
Brief Overview
This a poem advocates for an end to gender-based violence and abuse, especially directed by men to women. It is relevant to the current occurrences happening across South Africa as there has been an escalation of cases of reported crimes concerning women and children abuse by men. It appeals to the society – especially men– to stop abusing women and it is also about how much of a role men have to play in protecting women and children as they are the ones who are more vulnerable and prone to be victims of gender-based violence.