Ukusizana Komama Abaganele Esithenjini

Sibe nengxoxo noMama uThobile Mavuso, ohlala endaweni yaseNanda eCongo. Wazalelwa endaweni yaseShowe weza edolobheni laseThekweni ngokuzosebenza. Umama usixoxela ngomlando owawenziwa kuqala, wenziwa ngomama uma beganele esithenjini, uma omunye wabo engakwazi ukuthola izingane noma ethola izingane eziwubulili obubodwa. Usichazela ukuthi kwakwenziwelani lokho futhi kwakusiza kuphi. Isithembu umkhuba omdala owawenziwa kusaphila okhokho bethu futhi sithandwa kakhulu amadoda … Read more

Ucu

Ucu lwakhiwe ngobuhlalu obumhlophe, liwubufakazi emaqhikizeni ukuthi intombi isize yahlulwa insizwa ngamawi noma isiqomile. Insizwa uma ishela intombi yayilindila emfuleni lapho intombi ikha khona amanzi. Lokhu kwakungathatha isikhathi eside, lapho intombi isivuma khona insizwa ithatha umgexo noma ibhengela lentombi iyokhombisa amaqhikiza ayo. Ngemuva kwalokho intombi yilapho kufanele yakhele insizwa ucu. Insizwa iyaluthatha ilugqoke noma ubuchome … Read more

Ukwenziwa Kweminye Imisebenzi Yabangasekho Ekhaya

Izimpawu Zokuthi Kufanele Kwenziwe Umsebenzi Ziningi izimpawu abantu abakholelwa kuzona ukuthi zivela kwabaphansi njengokuthi: Umuntu ongasekho ubefika ngephupho emndenini wakhe uma esefuna umsebenzi lowo noma kukhona afuna ukukukhuluma nabo. Isikhathi esiningi ufika acele itiye, omunye athi ulambile omunye uma washona wangatholwa achaze ephusheni ukuthi ulaphi, noma ngabe uzobaxwayisa ngesehlo esingabavelela okubi noma okuhle. Kokunye uma … Read more

The kraal

This is a place where the cattle sleep. A kraal is called isibaya in the South African isiZulu language. It is a structure made of logs in a Zulu homestead it used to keep the cows. The kraal is  built in the middle of the homestead. The woods or logs to build the kraal are collected and joined together to … Read more

Ukwenziwa Komcimbi Wokujikijela

Ukwenza imicimbi nemisebenzi kuyingxenye yesiko lesintu futhi into eyaziswayo kakhulu ngenxa yokuthi umbiko nesizathu sayo lemisebenzi inokuxhumana nabadala ukudlulisa umbiko othize. Lemicimbi ngokujwayelekile ihambisana nokuhlaba nokugaywa kotshwala bese umcimbi nomcimbi noma umsebenzi owenziwayo usuke udinga umndeni ubambisane ukuze leyonto eyenziwayo yamukeleke kumathonga. Uma kade umnumzane wasekhaya eshone engazwani nabafowabo, lomcimbi awukwazi ukwenziwa ngoba uzosuke ube … Read more

Ukushwelezela Ukuxosha Ingane

Kukhona isinqumo esithathwa abazali ngezingane zabo ngoba bediniwe ngaphandle kokubheka ukuthi zizoba namthelela muni ethongweni nokuthi lizozithatha kanjani. Uma umzali ethatha isinqumo ngengane yakhe, akathathi isinqumo esithinta yena kuphela kodwa sisuke sithinta nethongo ngoba ingane iyingxenye yomndeni. Kunezinto okuthi uma umzali ezisho enganeni okuthi njengokuthi akasayidingi ekhaya, nethongo libe seliyikhiphela ngaphandle leyongane. Ukuxoshwa kwengane kuvamisile … Read more