Ukushwelezela Ukuxosha Ingane

Kukhona isinqumo esithathwa abazali ngezingane zabo ngoba bediniwe ngaphandle kokubheka ukuthi zizoba namthelela muni ethongweni nokuthi lizozithatha kanjani. Uma umzali ethatha isinqumo ngengane yakhe, akathathi isinqumo esithinta yena kuphela kodwa sisuke sithinta nethongo ngoba ingane iyingxenye yomndeni. Kunezinto okuthi uma umzali ezisho enganeni okuthi njengokuthi akasayidingi ekhaya, nethongo libe seliyikhiphela ngaphandle leyongane. Ukuxoshwa kwengane kuvamisile ukwenzeka uma ingane yentombazane ikhulelwe noma umfana egangile. Uma kuze kwafika lapho ingane ixoshwa khona kufanele uma isibuyela ekhaya kuhlatshwe izimbuzi ezimbili, kushiswe nempepho kushwelezwe. Imbuzi yokuqala kusuke kungeyokushweleza ethongweni ngokuthi umzali uphimise amazwi anzima, ekhiphela ingane ngaphandle kwekhaya kuyabikwa ukuthi nansi imbuzi esixolisa ngayo ngokukhiphela ingane yenu ngaphandle ngenxa yokuthukuthela.

Eyesibili ngeyokubuyisela ingane kabusha esibongweni sekhaya. Ngemuva kokuhlatshwa lezimbuzi kufanele zigcinwe zize zidliwe ngosuku olulandelayo, zidliwa iwona wonke umuntu. Uma ushwelezile wabuyisela ingane esibongweni kufanele umzali aqikelele ukuthi akaliphakamisi izwi kuleyo ngane ngoba umsindo ungayilandela.

Uma umzali eshone ingane esayixoshile kufanele kudlule umgcwabo kugezwe amapiki bese umzali eyaxoliselwa akufanele aze enzelwe umsebenzi engaxoliselwanga. Kuyabikwa ukuthi ngalembuzi kushwelezelwa usibanibani oshone exoshe ingane yakhe ekhaya, kwenziwa ngokufana noma umzali esaphila. Ingane uma isikhulile uma kuwukuthi beyenze iphutha, uma isisebenza kufanele ibuye ithenge imbuzi ixolise kubazali bayo.

Source: Ilanga LangeSonto
By: Zanele Shange

Leave a Reply