Ucu

Ucu lwakhiwe ngobuhlalu obumhlophe, liwubufakazi emaqhikizeni ukuthi intombi isize yahlulwa insizwa ngamawi noma isiqomile. Insizwa uma ishela intombi yayilindila emfuleni lapho intombi ikha khona amanzi. Lokhu kwakungathatha isikhathi eside, lapho intombi isivuma khona insizwa ithatha umgexo noma ibhengela lentombi iyokhombisa amaqhikiza ayo. Ngemuva kwalokho intombi yilapho kufanele yakhele insizwa ucu. Insizwa iyaluthatha ilugqoke noma ubuchome edukwini ngesikhathi sokumisa iduku njengophawu lokuqonywa kwayo insizwa endaweni. Uma kuchonywa iduku kusetshenziswa induku ende, indwangu emhlophe iboshelwe endukwini bese ibekwa ngaphandle kwezindlu. 
 
Contents

1 Izimpahla zokuqomisa
2 Izipho zentombazaneni
3 Izipho zomfana
4 Ukuvakashelana

Izimpahla zokuqomisa
Abaqomene baphana izipho ezithile. Ngesikhathi kungakwenziwa ukumiswa kweduku, imicimbi yokunikana izipho yenzelwa endaweni ecashile kube khona labo abaphethe izinsizwa namantombazane. Bayayalwa bobabili ukuthi  balinde baze balobolane.

Izipho zentombazaneni
Imiqamelo noma amabhayi
Indwangu intombi embincisa ngayo esinqeni noma ithawula (imatshehlathi ngoba linemibala eminingi)
Iposimende elinoswidi nemali engamakhulu amabili opondo (R200).

Izipho zomfana
Izinhlobo eziningi zezipho ezakhiwe ngobuhlalu,
amaqaba afakwa emqaleni;
amadavathi afakwa aphambane emhlane nasesifubeni akhiwe ngobuhlalu obuxubile;
amagalithi amacici akhiwe ngobuhlalu

Ukuvakashelana
Uma befuna ukuba ndawonye, intombi ibithwala izingubo ekhaya layo iziyise ehlathini ngosuku abathembisene ukuba ndawonye ngalo. Lokhu bakwena ukuhlonipha amakhaya abo uma bengalimisi iduku noma amalobolo engakakhishwa. Intombi yayilinda ekhaya baze balale abantu abadala insizwa uma seyifikile yayenza izimpawu ezithile ukuze intombi yazi ukuthi usekhona. Ngalesisikhathi abavumelekile ukuthi bahlangane ngokocansi abaqhikiza ayabayala ukuthi basome.

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Reply