Tag Archives | Traditional Ceremony

Ukungena Komkhosi: Uselwa

Ngelanga lomkhosi kufika amantombazane asuka kuwo wonke amagumbi esizwe saleyo nkosi eletha utshwala bomkhosi, lobutshwala abuthwalwa ngezinkamba kepha buphathwa ngezigubhu kanye nangezichumo. Okuthi ngalo lelilanga amabutho aphume ayobamba inkunzi yemibengo. Lenkunzi ikhethwa ezinkunzini ezimnyama zekhethelo, zikhethwa zisengamathole konina, zihlale zodwa zingadibani nhlobo nezinsikazi. Lenkunzi yemibengo ayihlatshwa kepha ibanjwa amabutho ayiphule intambo, lenkunzi iqale ichelwe yinyanga […]

Continue Reading

Ukulungiselela koSelwa

Sisekuyo lendaba yomkhosi woSelwa, ngalenkathi kulungiselwa lomkhosi, inkosi nayo isuke yenza awayo amalungiselelo. Okokuqala nje, yayingalubhadi nhlobo elawini nowakwayo, kepha ihlala endlini yobukhosi ebizwa ngeNkatha. Kulendlu kwakungena yona, unina wayo kanye nesalukazi esidala esingayazi nhlobo indlu yengwenya. Lendlu akuvumelekile kungene abantu besimame ngaphandle kwalaba ababalwe ngenhla, ngisho nabesilisa nabo ngaphandle ke kozalo lasebukhosini kanye nenyanga […]

Continue Reading

Ukunyathela Uselwa

Miningi imikhosi yesintu yesiZulu ebigujwa neminye esabungazwa kumanje, okungabalwa kuyo umkhosi wakomkhulu obizwa ngoMkhosi woMhlanga, kube uNomkhubulwane kanye neminye eminingi. Lomkhosi omkhulu wabe ugujwa iminyaka yonke ekungeneni kwekwindla ngenyanga kaMasingana. Lo mkhosi usho ukuqala ukudla ukudla okusha. Bekunomthetho wokuthi inkosi kuqala emaya ukudla okusha nalapho ibingaveli yenze nje, kodwa bekunomgudo olandelwayo. Inkosi ibingakudli nhlobo lokudla kuze kufike […]

Continue Reading

Ukwenziwa Komcimbi Wokujikijela

Ukwenza imicimbi nemisebenzi kuyingxenye yesiko lesintu futhi into eyaziswayo kakhulu ngenxa yokuthi umbiko nesizathu sayo lemisebenzi inokuxhumana nabadala ukudlulisa umbiko othize. Lemicimbi ngokujwayelekile ihambisana nokuhlaba nokugaywa kotshwala bese umcimbi nomcimbi noma umsebenzi owenziwayo usuke udinga umndeni ubambisane ukuze leyonto eyenziwayo yamukeleke kumathonga. Uma kade umnumzane wasekhaya eshone engazwani nabafowabo, lomcimbi awukwazi ukwenziwa ngoba uzosuke ube […]

Continue Reading