Amashoba amhlophe

Ishoba elimhlophe lenkomo (umsila) linqunywa uma kuhlatshiwe inkomo ekhaya. Umbala omhlophe usetshenziselwa inhlanhla. Akufanele liphathwe noma ikanjani ngoba kunenkolelo yokuthi uma liphathwe ngobudedengu noma ngabantu abaningi belinyakazisa labo abasuke bemenyiwe noma bezodla leyonyama bangajuqwa izisu. Ishoba liphathwa ngesizotha liyochonywa emsamo endlini yangenhla. Kuyothi uma sewedlulile umcimbi lichashwe lehlukaniswe inhlali libe lihle. Amashoba ayimvunulo yamaqhawe. Agqizwa … Read more

Ukulobola Ngokwamazinga Ehlukene Okuphila Kwabantu

Contents 1 Ukulobola 2 Isikhwehlela nobikibiki 3 Imibondo 4 Izipho zabakhongi Ukulobola Isiko lokulobola lihlukene ngokwamazinga ehlukene okuphila kwabantu endaweni njengokulotsholwa kwentombi ezalwa ngumuntukazana, noma ezalwa yinduna noma yinkosi yesizwe. Uma uzalwa umuntukazane intombi ilotsholwa ngezinkomo eziyishumi nambili (12) kodwa uma uzalwa ebukhosini zibayishumi nesihlanu (15) kanjalo uma uzalwa yinduna. Uma intombi isithole ingane kodwa kungeyona … Read more

Inhlawulo ekhishwa ngumamezala uma eshaye umakoti

Inhlawulo noma ukuxolisa kukamamezala uma eshaye umakoti wakwakheSibe nengxoxo nomama uMakhosazane Mdabe. Umama usixoxela ngenkinga eyenzekayo uma umamezala ebeka umakoti wakwakhe isandla noma emshaya ukuthi uma esefuna ukuxolisa wenza kanjani noma emngenisa ekhaya ngoba abanye omamezala ukungezwani kwabo kwakufika ezingeni lapho umakoti wayengangeni emzini. Izizathu ezinye kwakungaba nje ukuthi akathandwa umakoti. Umamezala umama ozala umkhwenyana … Read more

Inhlambuluko Phakathi Kukamakoti Nomndeni

Umakoti uma eshade ngokuphelele emzini wathelwa ngenyongo akube kusavumeleka ukuthi enze noma ikanjani kangangoba ngisho nokuya kubo kudingeka acele kumyeni wakhe noma abasemzini kuqala, uma emvumela usengavakasha ekhaya. Kuyenzeka umakoti angaphatheki kahle emzini, lokho kuyinjwayelo ngoba phela zikhona izivivinyo zasemzini lapho kusuke kudinga ukuthi umakoti abekezele ukuze akwazi ukwakha umuzi. Kuyenzeka umakoti ahlukunyezwe umkhwenyana wakhe … Read more

Imbuzi Yabakhongi

Umkhongi umuntu osuke ekhethwe umndeni walowo ofuna ukuganwa ukuthi aye ekhweni ukuyomulobolela. Kubalulekile ukuthi kube nezinto ezilandelwayo njengokuhlatshwa kwembuzi ngaphambi komshado omkhulu ngumndeni kamakoti bebonga abakhongi. Kulembuzi ehlatshiswa abakhwenyana kuthathwa inyongo, ifuthwe ichonywe esigqokweni somkhongi omkhulu noma empahleni ayigqokile. Lembuzi iyaphekwa idliwe bese ingxenye yayo okuyisifuba kanye nomkhono bahamba nayo ukuze ekhaya babone ukuthi bebehlatshisiwe. Lomcimbi … Read more

Izinkolelo Zokuphuma Kwengane Amazinyo

Phambilini ukukhumuka kwengane amazinyo ikakhulukazi okokuqala, bekuba yindaba kontanga bayo, nasemndenini wayo uqobo. Ingane ezokhumuka izinyo ibidonswa ngendlebe kuthiwe ize ingalilahli noma yikanjani. Bekuthiwa uma selikhumukile mayiphume iye ngaphandle kwegceke ifike ikhulume ithi ‘‘Nhloyile, nhloyile ngiphe izinyo elisha mina ngikuphe elidala’’ isho lamazwi icimezile. Uma isiqede ukuwasho, iyagxamalaza bese ilijikijela kude ilikhiphe phakathi kwemilenze yayo. … Read more