Okwenziwayo Uma Kukhona Oshonile Ekhaya

Kudala ngezikhathi zawokhokho umngcwabo kwakuyinto engajwayekile futhi eyayihanjelwa ngabantu abadala. Indlela yokungcwaba yayehlukile kakhulu kunale eyenziwa ngesikhathi samanje. Uma kushone umuntu emndenini kuyalindwa ngalesisikhathi engakangcwatshwa, owesilisa womndeni akahlangani nowesifazane kuze kudlule umngcwabo. Ngosuku okuzwakale ngalo ukuthi sekushoniwe kuyandlalwa esililini salowomuntu, uma kungowesifazane kundlalwa esililini sabesifazane, uma kungowesilisa kundlalwa esililini sabesilisa. Kuye kundlalwe icansi, ingubo yokulala, kubekwe … Read more

Amasiko Nemicimbi Yesintu, Sibusisiwe High School

Abantu abadala bathi isikhathi sakudala sasimnandi kakhulu uma besiqhathanisa nesikhathi samanje. Futhi bathi zazingekho izigameko ezimbi ezenzeka namuhla zenkohlakalo. Bathi bona babevunula ngemvunulo yesintu ngokwezigaba zabo futhi babenzelwa imicimbi noma amasiko umuntu uma esesigabeni esithize. Contents 1 Imvunulo 2 Amasiko noma imicimbi 3 Umhlonyane nomemulo 4 Ukumiswa kweduku Imvunulo Ngokwezigaba zabantu babevunulo ngendlela engafani njengokuthi … Read more

Umkhuba Wokuthwala Kwentombi

Umkhuba wokuthwalwa kwentombi kuyinto eyayenziwa kudala futhi esenziwa namanje ezindaweni ezithile. Noma izinto sezenziwa ngendlela engafani nakudala. Lapha sibheka indlela ebabenza kudala bese sibheka ngendlela abenza ngayo manje endaweni yaKwaMaphumulo eKranskop. Umama osixoxela ngalomkhuba wokuthwalwa kwentombi okuhle ngakho ukuthi naye wagana ngayo lendlela. Uthi indlela yamanje yokuthwalwa kwentombi ayifani neyabo yakuqala. Endaweni yangakubo lomkhuba usenziwa … Read more

Amashoba amhlophe

Ishoba elimhlophe lenkomo (umsila) linqunywa uma kuhlatshiwe inkomo ekhaya. Umbala omhlophe usetshenziselwa inhlanhla. Akufanele liphathwe noma ikanjani ngoba kunenkolelo yokuthi uma liphathwe ngobudedengu noma ngabantu abaningi belinyakazisa labo abasuke bemenyiwe noma bezodla leyonyama bangajuqwa izisu. Ishoba liphathwa ngesizotha liyochonywa emsamo endlini yangenhla. Kuyothi uma sewedlulile umcimbi lichashwe lehlukaniswe inhlali libe lihle. Amashoba ayimvunulo yamaqhawe. Agqizwa … Read more

Ukulobola Ngokwamazinga Ehlukene Okuphila Kwabantu

Contents 1 Ukulobola 2 Isikhwehlela nobikibiki 3 Imibondo 4 Izipho zabakhongi Ukulobola Isiko lokulobola lihlukene ngokwamazinga ehlukene okuphila kwabantu endaweni njengokulotsholwa kwentombi ezalwa ngumuntukazana, noma ezalwa yinduna noma yinkosi yesizwe. Uma uzalwa umuntukazane intombi ilotsholwa ngezinkomo eziyishumi nambili (12) kodwa uma uzalwa ebukhosini zibayishumi nesihlanu (15) kanjalo uma uzalwa yinduna. Uma intombi isithole ingane kodwa kungeyona … Read more

Inhlawulo ekhishwa ngumamezala uma eshaye umakoti

Inhlawulo noma ukuxolisa kukamamezala uma eshaye umakoti wakwakheSibe nengxoxo nomama uMakhosazane Mdabe. Umama usixoxela ngenkinga eyenzekayo uma umamezala ebeka umakoti wakwakhe isandla noma emshaya ukuthi uma esefuna ukuxolisa wenza kanjani noma emngenisa ekhaya ngoba abanye omamezala ukungezwani kwabo kwakufika ezingeni lapho umakoti wayengangeni emzini. Izizathu ezinye kwakungaba nje ukuthi akathandwa umakoti. Umamezala umama ozala umkhwenyana … Read more