Ubuhle bemvunulo

Lenyuke kakhulu izinga kubathungi benqephu yesintu noma imvunulo uma uyiqhathanisa nesikhathi sama-90s nokuqala kwama 2000s. Kule sisiqeshana sibheka izinga ekuthungeni kwemvunulo yesintu yabesifazane. Abathungi benqephu nemvunulo bashaya ngelicokeme esikhathini samanje. Uma usemncibhini wesintu kungaba umshado, umembeso, umhlonyane noma umemulo ufike ubona kahle izinga lobuhle imvunulo esebeyithunga ngakhona. Imvunulo yesintu yinhle ngokuhlalu noma ngabe ubufake kuphi … Read more

Izilwane zeMvunulo

Emandulo kungakagqokwa izembatho zendwangu bekuvunulwa. Imvunulo lena yakhiwa ngezikhumba zezilwane njengoba namanje imvunulo isakhiwa ngesikhumba, kanti ke futhi nezimpahla ezimbathwayo zakhiwa ngaso isikhumba njengoba kukhona izicathula ezakhiwa ngesikhumba sengwenya nje. Kulelikhasi sibhunga ngezilwane zemvunulo okunye okuba imvunulo yamakhosi kanti ke enye kuhlotshwa ngayo uma kuyimidlalo. Indlovu – Amazinyo endlovu lawa ahlonywa phezu komnyango endlunkulu yakwaZulu ebukhosini. … Read more

Imvunulo yoMntwana/Izinyane leSilo

Ngokwesintu amadodana enkosi awabizwa ngokuthi abafana, kodwa babizwa ngokuthi abantwana noma amazinyane esilo. Amadodana noma amazinyane esilo anemvunulo yawo enhle futhi ehlukile kuneyabant’ kazana abahloba ngayo. Ekhanda amazinyane esilo anqwaza ngomqhele wengwe noma izigqoko zayo. Umqhele lona uba umgqinqo omkhulu ogqokwa ekhanda, ugqishwa ngodakazane, mase kuthi ngaphambili wangiwa ngesikhumba sengwe. Isikhumba leso sakhiwa noma senziwa … Read more

Imvunulo yoDwendwe

Ziningi izinto ezibungazwayo kuthina sizwe samaZulu, ngengemikhosi, imicimbi kanye nemigcagco ukubala okumbalwa. Udwendwe lolu esizodingida ngalo la, ila kusuke kukhishwa khona umakoti eyogana. Uma kunodwendwe kunendlela ethile okuvunulwa ngayo, sizothi qaphuqaphu ngokuhlobela udwendwe. Uyise kamakoti Ubaba kamakoti ugqoka isigqoko esibizwa ngokuthi ubukopolo ekhanda esakhiwe ngesikhumba sengwe, mase kulandela amambatha ambathwa njengensonto ehlombe. Lamambatha akhiwa ngesikhumba … Read more

Imvunulo yeNdoda

Njengoba imvunulo siyihlukanise ngezigaba nangobukhulu komuntu, bese kubekiwe ukuthi umkhapheyana ugqokani. La esikubeke kwasobala ukuthi ugqoka ibheshu, elihambisana nesinene kanye nobuhlalu uma eseqonyiwe. Lana ke sizosika ekhasini ngokuhloba noma ukuvunula kwendoda noma usokhaya. Indoda lena yinsizwa esiganiwe yashayelwa udwendwe. Ngokwesimanje yinsizwa esishadelwe lena. Insizwa esigidelwe ibihlonishwa ngokuthi indoda ngoba usedodile ngokuthi aganwe, okuyisikhawu sokukhula. Indoda … Read more

Imvunulo yoMfana

Njengoba kade sidingida ngemvununulo kanye nokuhluka kwayo, ngikubone kungesibo ubulungiswa ukuthi ngilobe ngemvunulo yengodosi, yamantombazane, eyomntwana omncane kanye neyamatshitshi kuphela. Ingakho ke ngingeke ngikhethe iphela emasini ngishiye imvunulo yabesilisa engizoyihlukanisa ngezigaba zayo nayo njengoba ngenze kule eminye imibhalo emayelana nemvunulo yesintu. Imvunulo yomfana Umfana noma umkhapheyana indlela akahloba ngayo ihlukile kuneyendoda kanye neyezingwazi, umkhapheyana usikelwa … Read more