Lenyuke kakhulu izinga kubathungi benqephu yesintu noma imvunulo uma uyiqhathanisa nesikhathi sama-90s nokuqala kwama 2000s. Kule sisiqeshana sibheka izinga ekuthungeni kwemvunulo yesintu yabesifazane.


Abathungi benqephu nemvunulo bashaya ngelicokeme esikhathini samanje. Uma usemncibhini wesintu kungaba umshado, umembeso, umhlonyane noma umemulo ufike ubona kahle izinga lobuhle imvunulo esebeyithunga ngakhona. Imvunulo yesintu yinhle ngokuhlalu noma ngabe ubufake kuphi emzimbeni. Esikhathini esidlule indlela yokuhloba bekuvame ukufakwa ezingalweni, esifubeni kanye nasesinqeni.
Ngendlela ubuhlalu osebuthunga kahle ngayo sekuvamile nokuthi uthola umuntu ebufake noma engagqokile imvunulo. Bese ukuba inkehli, kudala bekuvame ukuthi ukuthi inkehli ibe mnyama noma ubebovu ngokwebala kepha manje isithungwa ibe imibala eyahlukene ihlotshwe ngobuhlalu nengezimpaphe ezahlukene. Isikhathini esedlule bekuvame ukuthi uma owesifazane evunulile afake namadavathi ezinyaweni. Amadavathi ayenziwa ngengaphezulu lamakani (cans) elilisikwa bese ehlanganiswa athungelwe kwindangu ngengoba kubonakala kusithombe esingenhla


Isikhathini samanje ngendlela esekuthungiswa ngakhona nokusetshenziswa kwemibala enqamile, ukwakheka (design) kobuhlalu nemibala ehlukene kuveza ukukhula kubathungi bemvunulo. Abathungi bemvunulo balinyusile kakhulu ikhono. Imvumulo nobuhlalu sekuyathandwa kakhulu, akuseyona imvela kancane njengesikhathi esedlule. kuhle ukubona umsebenzi wabathungi bemvunulo uthakaselwa futhi unxaswa ngabantu kakhulukazi abantu abasha.
Brief Overview
Tailors of traditional attire and African print have improved greatly compared to the 90s and early 2000s. The use of bright colours, beadwork designs and feathers has made traditional attire more appealing and fashionable. Whenever you attending any tradition ceremony especially the wedding, umembeso, umhlonyane or umemulo, you will see the beauty of traditional wear in different bright colours and different patterns of bead work. The improvement from different tailors is beautiful and it inspiring to see people being proud of wearing traditional attire and beads especially the youth.
halala. salibonani bangane lezihlobo. ngincela uncendo lwesi ndebele izaga