Ukuphekwa kwebele

Ibele leli, elamadoda njengawo umlenze lona odliwa esibayeni yibandla uma kuhlatshiwe. Kodwa ke umehluko ula: umlenze udliwa ngelanga elilandelayo emva kokuhlatshwa kwenkomo, udliwa yibadla esibayeni ngelanga lomcimbi kanti ke belu, ibele lona lidliwa ngelanga elandulele leli lomcimbi. Ibele lidliwa ngelanga lokulandwa kwezigqoko, okusho ukuthi lidliwa ngelanga okulandwa ngalo izigqoko ezisale ngelanga lomsebenzi. Omunye umehluko ukuthi … Read more

Umlenze wamadoda

Umlenze wamadoda Njengoba nginabile ekhasini lokuqala ngehlambo ebelenziwe ngomunye wosokhaya bakoKhanyile, lelikhasi likhombisa enye yemibukiso ethathwe kulolusuku. Lombukiso ukhombisa ibandla linikwa umlenze wokosiwa esibayeni. Njengoba uma kuhlatshwe inkomo, inyama ihlukaniswa ngononina, kukhona enikwa abalobokazi njengesifuba sayo inkomo, ibele lona elinikwa amadoda nayo kanye nomlenze nawo onikwa abathile. Brief Overview This video shows the men that … Read more

Ihubo

Ihubo Kulengosi, ngikubeke kwasobala ukuthi siveza imibukiso yokwenzeke ngenkathi kunehlambo emzini wako Sothole, lana ke siveza amahubo abehutshwa kuwo lomcimbi. Ukuhuba lokhu njengokushaya ushameni enye yezinto esiziqhenya ngakho thinandlu kaSenzangakhona. Ngike ngakubalula futhi ukuthi ngitshengisa imibukiswano etshengisa ngqo! obekwenzeka ekhaya, lana kuvela imibukiso emibili kuhutshwa izinsizwa zeneme, ngithi nawe sina uzibethele ubuke ubuhle bonyawo lukaZulu … Read more

Esibayeni

Kulengosi yolwazi besike sabhala phambilini ngendaba yehlambo lomnumnzane ongasekho emhlabeni. Kulelisonto elidlule bengisekhaya likabab’ omdala eRichards Bay endaweni yaseMandlanzini la obekunehlambo khona likamkhulu. Ngibe sengisina ngizibethela ke ngithatha ama-video ngathwebula nezithombe, kusuka kuhlatshwa inkomo esibayeni, ukuhlinzwa kwayo njengoba kuhlatshwa uma kunehlambo. Akugcinanga lapho, ikhona nembukiswano ethathwe kudliwa umlenze esibayeni udliwa izinsizwa zendawo kanye ke nakho ukuphekwa … Read more

Ihlambo

Ihlambo lenzelwa umuntu obethanda ukuzingela ongasekho emhlabeni. Uma kunomcimbi wehlambo kuhlatshwa imbuzi yokubika kuqala kwabaphansi ukuthi kuzoba nehlambo likabani, kushiwo igama lakhe uma kushiswa impepho emsamo. Emva kwalokho kuhlatshwa inkomo yalo ihlambo esuke izodliwa.   Uma kuzoba nehlambo kutshelwa amaphisi azozingela ngakusasa ngelanga okuhlatshwa ngalo inkomo ukuthi azozingela ngelanga elilandelayo ekuseni. Ngakusasa ekuseni lawomaphisi adlula … Read more