Ukugcinwa Kwezimbuzi Emakhaya

Imbuzi yisilwane esifuyiwe kakhulu KwaZulu Natal, abantu abaningi basifuyela ukudla njengenyama abanye bayazidayisa ngoba imbuzi kubantu abaningi abakholelwa emadlozini yisona silwane abakwazi ukuxhuma ngaso nabangasekho. Lokhu kubonakala noma ngabe ekhaya kwenziwa umsebenzi wenkomo akuvele kuhlatshwe yona kuphela, ngaphambi kokuthi ihlatshwe kufanele usokhaya azise abangasekho ukuthi uzokwenza umsebenzi ngokuthi ahlabe imbuzi Kunenkolelo kuMaZulu ukuthi imbuzi iyona … Read more

Ameva Esihlahla Somsasane

Isihlahla somsasane yisihlahla esingakhuli kakhulu esinameva amade. Kujwayeleke ukuthi abantu basisebenzisele ukukubiyela noma senze uthango ekhaya. Lesisihlahla asigcini ngokuthi sibe uthango kukhona abanye abantu abasebenza ameva omsasana ukwelapha abantu abagulayo. Asetshenziswa kakhulu abelaphi bendabuko njengezinyanga nezangoma ezisasebenzisa kakhulu izindlela zokwelapha zomdabu kodwa esikhathini sanamuhla ezinye sezisebenzisa izinaliti ukwenza imisebenzi efanayo naleyo eyenziwa ngameva. Ukusetshenziswa kwameva … Read more

Ukusiselana Ngemfuyo

Kudala bebefuyile abamnumzane izinkomo, izimbuzi, izinkukhu, amahhashi, futhi belimile. Izikhumba zemfuyo yabo bebezisebenzisa ukuthi balale phezu kwazo ezinye bebezembatha, abesifazane bebezisebenzisela ukugqoka labo asebeganile kanye nokwakha imbeleko yengane. Ukusisa imfuyo Umnumzane uma ebona isimo sakamakhelwane singesihle owayefuye kakhulu wayemsisela ongenankomo ukuze akwazi ukuthi yena nomndeni wakhe badle. Bekubalulekile ukuthi kwaziswe umdiphi ukuthi inkomo ethile isingeyakomunye … Read more

Ukuma kwezimpondo zezinkomo

Igodla: inkabi enophondo olulodwa olubheke phansi (beast with one horn falling downwards) Igoqo: inkomo enezimpondo ezisontenele emuva Igubudu: inkomo enezimpondo ezigobele phansi bese ziqonda phambili (beast with horn curving down and forward)  Inqudulu: inkomo engenazimpondo (beast with no horns)  Ingudulu: inkabi esencane enezimpondo ezisamile (calf with horns beginning to grow)  Insontane: inkomo enezimpondo ezisontene Insizwa: inkabi engenazimpondo (hornless ox)  … Read more

Ukugcinwa Kwezilwane Zasekhaya

Ukugcinwa Kwezilwane Zasekhaya  Imfuyo ibalulekile ezindaweni zasemakhaya ngoba ikhomba ukuthi umnumzane wekhaya usutha kangakanani. Ziningi izilwane ezifuywayo ezehlukene njengezinja, izinkomo, izinkukhu, izimbuzi, amakati njalo njalo. Lezinhlobo ungazihlukanisa kabili kunalezo ezisiza ngokudla njengezinkomo, izimbuzi, izinkukhu iziklabhu kanye namahansi. Bese kuba nezibheka ukuphepha ekhaya njengezinja namakati. Izinja namakati Izinja zona zihlukene izinhlobo ezimbili, kukhona izinja zokuzingela kanye … Read more

The kraal

This is a place where the cattle sleep. A kraal is called isibaya in the South African isiZulu language. It is a structure made of logs in a Zulu homestead it used to keep the cows. The kraal is  built in the middle of the homestead. The woods or logs to build the kraal are collected and joined together to … Read more