Ukusiselana Ngemfuyo

Kudala bebefuyile abamnumzane izinkomo, izimbuzi, izinkukhu, amahhashi, futhi belimile. Izikhumba zemfuyo yabo bebezisebenzisa ukuthi balale phezu kwazo ezinye bebezembatha, abesifazane bebezisebenzisela ukugqoka labo asebeganile kanye nokwakha imbeleko yengane.

Ukusisa imfuyo
Umnumzane uma ebona isimo sakamakhelwane singesihle owayefuye kakhulu wayemsisela ongenankomo ukuze akwazi ukuthi yena nomndeni wakhe badle. Bekubalulekile ukuthi kwaziswe umdiphi ukuthi inkomo ethile isingeyakomunye umuzi. Nenduna yendawo nayo beyaziswa ngaloludaba ukuze kubekhona ofakazi kulento uma kukhona okwenzekayo ngalenkomo. Umdiphi yena utshelwa ngoba uyena ogcina amarekhodi ezinkomo zonke ezakhele kulesisigodi, yingakho naye kubalulekile ukuthi abanolwazi olugcwele mayelana nemfuyo yakulesosigodi .

Kube sekuyaxoxwa ukuthi izoluswa ubani. Lowo osuke esiselwe usuke eyisebenzisa njengeyakhe leyonkomo, kuphela ngeke ayihlabe agcine imisebenzi yamasiko akhe noma akubo, yena unikelwe ukuthi ayisebenzise ngokuyisenga noma nangokutshala ngayo. Asikho esikhathi esibekiwe ukuthi ingahlala isikhathi esingakanani okwenzekayo ukuthi uma seyizizele sekubonakala ukuthi usengakwazi ukuzimela lowo obesiseliwe usengayibuyisela emuva kumnikazi wayo. Uma izalile yonke imfuyo ezalelwe kuyena sekungeyakhe yena ubuyisela inkomazi nenkunzi ayekunikiwe. Uma ifa asikho isikweletu esikhona phakathi kwabo, ngaphandle uma kuyisifiso sakhe ukuthi ayikhokhe. Ngoba uma ifile isibindi saleyonkomo sinikwa umdiphi asidle yena kwakhe, bese eyisula emabhukwini ngoba ayisekho, kuthiwa uma edle isibindi saleyonkomo lokho kufana nobufakazi.

Yingakho kwabakhona lesisho esithi mazibuyele emasisweni, ngoba kwakugqugquzelwa abantu ukuthi bakwazi ukusizana uma kukhona oswele. Ngoba bekungeyona imfuyo kuphela ebebenikana yona ngisho ukudla bebenanelana kona, njengokuthi uma umuntu ethathe ibhikili lempuphu komunye kwakubalulekile ukuthi alibuyise enzele ukuthi bamunanele nangelinye ilanga, inkomo kodwa yona ayinanwa iyasiselwana, futhi akujwayelekile ukuthi umuntu azicelele yena ukusiselwa kukancane ukuthi umane uyozicelela ukusiselwa ngaphandle makuwuzalo lwakhe lolu olufuye kakhulu.

English Summary
In the olden days people that were better off than others in the community will share their livestock with those who are poor by giving them a cow and a bull. These cattle were the full responsibility of the person that received them. It was important to inform the dipper about the process and also to inform induna. There was no set time to keep these cattle, they were returned when they have multiplied and the receiver will only return the two cattle that he was given. But some people will give more as a sign to show their appreciation. If it happens that one cow dies while in possession of the receiver, there was no need for him to pay for it. And the dipper should be given liver of that cattle. The dipper kept all the records of the livestock of that area.

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Reply