Amagama ezinkomo zokulobola
Izinkomo ezikhishwa uma kulotsholwa zinamagama azo ezibizwa ngawo. Ubikibiki – inkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe ngesikhathi elobola. Ubhaqa – inkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyokukhanyisa indlela. Ibheka – igama lanoma iyiphi inkomo yelobolo. Umqholiso – inkomo ehlatshwa uma kuvakasha umakoti. Inkomo inikezwa unina kamakoti. Uma intombazane ilahlekelwe ubuntombi bayo ingakagani umfana uyayikhokha lenkomo noma … Read more