Ukugcinwa Kwezilwane Zasekhaya

Ukugcinwa Kwezilwane Zasekhaya 
Imfuyo ibalulekile ezindaweni zasemakhaya ngoba ikhomba ukuthi umnumzane wekhaya usutha kangakanani. Ziningi izilwane ezifuywayo ezehlukene njengezinja, izinkomo, izinkukhu, izimbuzi, amakati njalo njalo. Lezinhlobo ungazihlukanisa kabili kunalezo ezisiza ngokudla njengezinkomo, izimbuzi, izinkukhu iziklabhu kanye namahansi. Bese kuba nezibheka ukuphepha ekhaya njengezinja namakati.

Izinja namakati
Izinja zona zihlukene izinhlobo ezimbili, kukhona izinja zokuzingela kanye nalezo zokugada ekhaya. Izinja zokuzingela zinejubane elikhulu kodwa azinalo ulaka uma ziqhathaniswa nalezi ezigada ikhaya zinolaka ngoba kusuke kufuneka zixoshe izigebengu noma izilwane ezihlasela imfuyo. Izinja zokuzingela ziyaqeqeshwa futhi kunenkolelo yokuthi kunemithi esetshenziswayo ukuthi zibe ngamaphisi. Loluhlobo luyahlala luthule noma ngabe kunezigebengu ekhaya. Izinja ezindaweni zasemakhaya ziyanakekelwa kakhulu, zinikwe imithi ethize okuzigwema ukuthi zingenwe kalula izifo futhi abantu sebayazijovela amarabi. Amakati wona afuyelwa ikakhulukazi ukuthi agweme ukuhlala kwamagundane ekhaya.

Izilwane Ezidliwayo
Izilwane ezidliwayo okuyizinkukhu, izinkomo, izimbuzi, iziklabhu kanye namahansi zikhiqiza inyama, amasi ubisi ikanye nokokugqoka njengamabheshu, izidwaba njalonjalo. Lezizilwane nazo ziyadinga ukuthi zinakekelwe ukuze zikhule kahle. Kunesikhathi lapho imfuyo edliwayo igula okungaholela ekutheni ife. Uma kubonakala ukuthi ngeke sisalapheka futhi nesifo esisiphethe asiyona ingozi kakhulu lesilwane siyaqedelwa sidliwe ngoba uma size sazifela asidliwa.  Izifo eziphatha lezilwane zihlukene izinkukhu ziphathwa upokisi nomqhaqhazelo; izimbuzi ziphathwa amathumba kuthi izinkomo ziphathwe uvolomisa nezinye.

Indlela lezizilwane eziphiwa ngayo ukudla yehlukene. Izinkukhu zidla ummbila ongumqhazulo, izinkomo zidla utshani kuthi izimbuzi zidle utshani nezihlahla. Ukubhekelelwa ukuthi imfuyo ikuthola ngokwenele ukudla kukhona nabantu abalusayo ngokuthi baziyise emadlelweni zonke izinsuku kuthi uma kuwusuku lwediphu baziyise khona. Amathole wona awayi emadlelweni aze akhule ngokwenele. Abantu bayakwazi ukugcinela imfuyo yabo ukudla nangezikhathi zasebusika lapho utshani nezihlahla kusuke komile.

Leave a Comment