Ukugcinwa Kwezimbuzi Emakhaya

Imbuzi yisilwane esifuyiwe kakhulu KwaZulu Natal, abantu abaningi basifuyela ukudla njengenyama abanye bayazidayisa ngoba imbuzi kubantu abaningi abakholelwa emadlozini yisona silwane abakwazi ukuxhuma ngaso nabangasekho. Lokhu kubonakala noma ngabe ekhaya kwenziwa umsebenzi wenkomo akuvele kuhlatshwe yona kuphela, ngaphambi kokuthi ihlatshwe kufanele usokhaya azise abangasekho ukuthi uzokwenza umsebenzi ngokuthi ahlabe imbuzi Kunenkolelo kuMaZulu ukuthi imbuzi iyona okufanele ishiselwe impepho ngoba iyakhala uma ihlatshwa uma iqhathaniswa nemvu, okusho ukuthi amadlozi ezwa ngokukhala kwayo ukuthi kukhona okwenzekayo ekhaya.

Kubalulekile ukuzigcina izilwane zethu ziphilile futhi ziphephile. Abantu bayazithenga noma basiselane ngezimbuzi. Uma umuntu esisela omunye imfuyo usuke emboleka isikhathi esithize ngenhloso yokuthi bafuna lowo obolekwayo akwazi ukwandisa imfuyo yakhe bese esibuyisela kumnikaziso isilwane uma sesiyifezile leyonhloso. Abantu abaningi abathandi ukudayisa imfuyo banenkolelo yokuthi uma imfuyo idayiswa iyancipha futhi nedlozi liyadinwa bese liyayinciphisa uyibone isifa njalo.

Ukugcinwa nokwandiswa kwezimbuzi

Izimbuzi azihlali esibayeni esifana nesezinkomo esivulekile zona zakhelwa okusandlu lapho zigcinwa khona ngoba akufanele zihlale endaweni emanzi. Njengezinkomo ziyakhishwa ziye emadlelweni lapho zidla khona izihlahla ezifana nomsilinga nogwava kanye notshani bese zithola namanzi. Noma ngabe yimuphi umuntu ofuyile uyathanda ukubona imfuyo yakhe yanda. Kunemikhuba abantu abayenzayo ukuze bandise imfuyo yabo njengokuzelaphe ngomuthi wesintu umkhumiso. Umkhumiso uyasiza uma imbuzi inenkinga yokubalekelwa izimpongo zingayikhweli noma uma imitha amazinyane afe. Umkhumiso usiza ekutheni imbuzi izale amazinyane ngamabili, noma ngamathathu.

Uma imbuzi isihlatshiwe kuye kusale isikhumba, sonyiswe kahle bese kwenziwa ngaso umata, isigqiki, isidwaba kanye nezigubhu.

Izifo ezihlasela izimbuzi nokwelashwa kwazo

Umqhaqhazelo emazinyaneni (Izinkomo nezimbuzi) (Heartwater)

Izimpawu
Isilwane ephilayo – Afa ngelanga amazinyane namankonyane, noma aphile izinsuku ezimbili kuya kwezinhlanu. Amankonyane noma amazinyane iwona abasengozini. Akhombisa izimpawu zokwethuka: ihambe, ibasengathi idakiwe (jerky gait), iqhaqhazele, ihambela ndawonye. Emuva kwesikhathi esincane, iyadluthuleka, igwedle ngezinyawo ikhanda ilibhekise emuva uma yehla.
Isilwane esifile – Siba noketshezi oluningi esikhwameni senhliziyo, esifubeni kanye nasesiswini.

Okokuvikela
Ukuvikela umqhaqhazelo, zama ukunakekela isilwane ngokuthi sibe nemikhaza emincane ezoba khona ngasosonke isikhathi. Ukudipha kanye ngenyanga uma isinemikhaza eminingi kuzosiza ukuvikela umqhaqhazelo. Amankonyanenoma amazinyane azalwa enomqhaqhazelo ayaqina ngaphandle kokuthi agule kuphela nje uma engazudishelwa imikhaza. (Uma inkomo ibulewe umqhaqhazelo, idiphe ukubulala imikhaza emzimbeni wayo. Lemikhaza ehlaselwe umqhaqhazelo izothelela ezinye izinkomo uma ike yaziluma.)

Ukwelapha
Yelapha isilwane singakahlabeki kakhulu ngaphambi kokuba sikhombise izimpawu zomqhaqhazelo. Sebenzisa i-antibiotic esebenza ngokushesha izinsuku ezintathu. Sebenzisa umjovo ongena emithanjeni uma ukwazi, noma ujove ezicubwini. Isikalo sozonqika ohlotsheni lomjovo owuthengile. Isikalo seHi-Tet 120: Jova ezicutshini Sebenzisa imililitha elilodwa, ngesisindo samakhilogremu ayi-15 Jova nsukuzonke izinsuku ezintathu Qaphela ungajovi endaweni eyodwa kuphela – kungcono ujove ungeqisi kumamililitha angama-25 esicubini, bese uthola enye indawo

Amathumba (abscesses)

Izimpawu
Aba nokuvuvukala okushisayo, abeno bomvu abe nobuhlungu. Kwesinye isikhathi, ayaqhuma avuze ubomvu.

Ukwelapha
Wavule uwakhame amathumba uma enombala oyelo noma uma ethamba. Sika isiphambano kuleyo ndawo ethambile, ukhame. Sebenzisa irazor/insingo ebilisiwe uma uzosika ithumba. Bese uthela amanzi antukuntuku (abilile) anetswayi (isipuni esikhulu enkomishini yamanzi) noma i-iodine esilondeni. Fafaza ngeWoundsept Plus nsuku zonke. Gcina isilonda sivulekile ukuze kuphume ubomvu. Gqiba noma ushise izinto ozisebenzise ukusula ubomvu, ngoba zingathelela ezinye izilwane nabantu. Kumele uyibilise njalo phambi kokuyisebenzisa irazor.

Isifo sohudo olujwayelekile

Izimpawu
Isifo sohudo singaba inkomba yesifo. Ziningi izinhlobo eziyimbangela yezifo zohudo, sisinye singabanga izinhlobo ezahlukene zohudo. Kungaba uhudo olwamanzi, oluphuzi; olumanzi, olumhlophe; kube olumhloshana oluhambisana namaqhubu esikhumba esincane. Uhudo olubomvu noma olunsundu olungakhombisa ukuthi lunegazi.

Okokuvikela
Ukusebenzisa umuthi wezikelemu njalo kuzovikela uhudo olubangwa izikelemu.

Ukwelapha
Umshanguzo ojwayelekile uba isipuni esisodwa sikasawoti, izipuni eziyi-8 zikashukela emalitheni amabili amanzi ahlanzekile, afudumele. Nika izilwane ezisancela lomshanguzo kabili ngelanga esikhundleni sobisi (kodwa ungeqisi izinsuku ezintathu). Uma uhudo lubangwa isifo esisesiswini (uhudo olunegazi), sebenzisa umjovo we-antibiotic esebenza isikhathi eside noma usebenzise i-Terramycin Powder exutshwe namanzi. Isikali se Hi-Tet 200LA: Umjovo wezicubu Sebenzisa imilimitha elilodwa ngesisindo samakhilogremu ayishumi Uphinde umjovo emuva kwezinsuku ezintathu uma kunesidingo. Isikali seTerramycin Powder: Uxube namanzi uwunike njengesiphuzo isipuni esisodwa ngamakhilogremu ayisikhombisa, uphinde nsuku zonke kuze kuphele izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu.

By: Zanele Shange Other information: Alcock R. De Villiers H. Dugmore T. Gumede S. Hornby D. Letty B. Perret K. Rowe A. July 2007. Izeluleko Zokugcina Imfuyo Iphilile. KZN Department of Agriculture and Environmental Affairs (DAEA)

Leave a Comment