Indaba Yesicathulo – Gumboot Dance

Ziningi izinto abantu baseNingizimu Afrika abangaziqhenya ngazo.  Abantu baseNingizimu Afrika baziwa njengabantu abakwazi ukunqoba futhi bathole izizathu zokuncokola ukuze impilo iqhubeke phambili, yize bebhekene nezingqinamba. Ezinye zezinto abantu baseNingizimu Afrika abangaziqhenya ngazo umdanso obizwa ngokuthiwa ‘isicathulo’, phecelezi i-gumboot dance. Sekuyinto ejwayelekile ukubona abantu beshaye umfaniswano wabasebenzi basezimayini badansa lo mdanso, bedansela izivakashi zakumazwe angaphandle nezakuleli. … Read more

Umculo Nendlamu, Sibusisiwe High School

Abantu babewuthanda umculo futhi yayingekho imisakazo. Abantu babecula noma yingasiphi isikhathi, njengokuthi amantombazane uma eyokha amanzi oma eyotheza ayehamba ecula kanjalo nabafana noma amadoda uma eyozingela nawo ayecula. Umculo babewusebenzisa njengendlela yokuxhumana ngoba omunye umuntu wayezwa ngohlobo lweculo ukuthi kuyiwaphi aphume alandele labo. Kuthiwa uma beyotheza babenendlela ababebizana ngayo ehlathini, isibonelo uma kukhona omemezayo ebuza … Read more

Traditional Zulu Dance

Ijadu Ijadu uhlobo lwengoma noma ukusina olwenziwa uma kunomcimbi wesintu ekhaya ikakhulukazi, umcimbi othinta idlozi okungaba umemulo, umsebenzi wokubuyisa umnumzane wekhaya osewashona noma umshado. Ijadu luwuhlobo lwengoma engasheshi uma isinwa futhi namaculo akhona awasheshi ngoba lwaqalwa abantu abadala besilisa okwakuthi uma bezinamele kulowomcimbi noma bebonga impatho kulowomuzi abasuke bemenywe kuwo basine. Uma kuculwa iculo lejadu … Read more