Abafundi bezobuciko bashise izikhotha eThekwini

Abafundi bezobuciko besintu baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal bashise izikhotha emcimbini obizwa nge-Annual African Calabash ngomhlaka-12 kuMfumfu kowe-2018 owenzeke eHoward College Theatre eThekwini. Ngokuholwa uDokotela Patricia Opondo, abafundi benze ezibukwayo ngesigubhu, kwachazeka izithameli zomcimbi. Babuke lapha ezansi bezitika futhi benandisa izihambeli ngobuciko besintu: Awuke uzwe umsindo lapho becula futhi bezigqaja ngesinti, bethi Ngiyabonga Ngonyama. Article Overview The article … Read more

Mondli Mbhele

Mondli Mbhele Ubuciko buyizindlela eziningi ezahlukene, kwabanye ubuciko buqhamuka ngomculo, kwabanye bacikoza ngokwakha noma ukubumba izinto zobumba njenge zinkamba zogqawu, kanti ke abanye bona baphiwe ukudweba noma ukuqopha. Ngibe nenhlanhla ke yokukwenza inhlolovo nelinye lamaciko aseMkhumbane ukuwuMondli Mbhele. UZimu lo ngenye yezinsizwa esentsha kodwa ubuciko bakhe bukhule ngalendlela emangalisayo. Ngibe nenhlanhla ke ngokumbuza ngomsebenzi wakhe, … Read more

Cha-cha in the hood

Into enhle ngobuciko ukuthi iphiwa noma ubani. Kulevidiyo sibona abantwana abancane basendaweni yaseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Laba bantwana abawudansa kahle kangaka lo mdanso we cha-cha bafundiswa uSisi uDoris wasendaweni yakhona eMagabheni, ofundisa mahhala. Ngenkathi simbuza ukuthi yini ndaba esebenzisa isikhathi sakhe enikela ngethalente lakhe, uSis Doris wasitshela ukuthi: “Size lapha emhlabeni ukuzokwenza umehluko. Anginakho okuningi kepha … Read more

Iqembu lamasiko elenza izimanga KwaZulu-Natal

  Umlilo Multi-Talented Youth Group yinhlangano yezobuciko enamalungu angu-34 edabuka endaweni yaseMkhomazi, eNingizimu yeTheku. Leli qembu eselike lamenywa ukuba likhombise amakhono amalungu alo ezindaweni eziqavile njengasoKhozini naseLangeni Hotel liyisibonelo esihle emphakathini. Yize leli qembu seliqala ukumenywa ukuba liyonandisa ngaphandle kwesifundazwe saKwaZulu-Natal futhi selike laphefoma enkundleni eyodwa nembongi edumile uDkt. uGcina Mhlophe, aliyidelile injongo yalo yokuzakhela … Read more