Loktion Boyz: Iqembu leGqom

Igqom uhlobo lo mculo olungaconseli phansi entsheni yaseNingizimu Afrika. Kanjalo-ke, igqom ithandwa futhi ikhiqizwa ibona abantu abasha.

Abanandisi abanjengeqembu i-Distruction Boyz, uBusiswa noBabes Wodumo ngabanye abantu asebethole eningi impumelelo empilweni ngogubhu lwegqom. Kwazise phela ukuthi ugubhu lwegqomu luyingxenye yempilo emalokishini amaningi akuleli kulesi sikhathi samanje.

Kuneqembu laseHammarsdale, eNyakatho-Ntshonalanga yendawo yomasipala weTheku, elizibiza nge-Loktion Boyz.

Loktion Boyz – Iqembu leGqom laseHammarsdale

Leli qembu lingamanye eThekwini anekhono kulendima yegqom athembisa ikusasa eliqhakazile.

Leli qembu lakhiwe yizinsizwa uSfundo “Killer” Mnikathi (22) no Ayanda “Mr Barone” Khumalo (23).

U-Killer noMr. Barone bathi into eyenza bahluke kakhulu kunabanye oDJ ukuthi bona bamandla kakhulu ekuphefomeni, abagcini nje ngokukhiqiza umculo oseqophelweni lokunandisa kushise igazi kulowo olalele.

Lezi zinsizwa ezibika ukuthi zaqala ngonyaka we-2009 ukuzibandakanya nendima yomculo zifisa ukuthi umculo wazo usabalale umhlaba wonke, kuphakame nendawo yaseHammarsdale, abayibonga kakhulu ngoxhaso nothando abantu bakhona asebebanike lona.

I-Loktion Boyz isichicilele ngelinye lamaculo abo. Awuke ulalele lapha ezansi.

 

Article Overview

This article highlights an up-and-coming Gqom group called Loktion Boyz. Loktion Boyz is a musical group composed of Sfundo “Killer” Mnikathi (22) and Ayanda “Mr Barone” Khumalo (23) from Hammarsdale, a township that is situated north west of the eThekwini municipality. The article also contains an audio file supplied to Ulwazi Programme. The audio file is a song created and produced by Loktion Boyz titled Hubbly Bubbly. It features Emma Jr. & New Style (artists).

1 thought on “Loktion Boyz: Iqembu leGqom”

Leave a Comment