Kulenyanga kaLwezi bezibambene ngezihluthu kumculo kaMaskandi, kungongaphansi nongaphezulu kwimiqhudelwano ehlukahlukene. ULungelo Vilane ubeziqhathe phansi kumqhudelwano obizwa nge “Khuphuka Nezakho and Royal Traditional Music Awards”, okuwumncintiswano osungulwe yiyo lendoda nayo eyiciko likaMaskandi.
Lomdlalo kaVilane unedumela kakhulu njengoba uma khona unyaka nonyaka eCurriesfountain kwelika Bhanana eThekwini, kanti ke maningi namaciko aba yingxenye yayo njengoba esuke eziveza kubalandeli bawo kanti ke futhi nawo asuke ezoncweka nezinye izinsizwa ezise ndimeni yalomculo wesintu sakithi. Lomqhudelwano ubungezi 03 kuLwezi kuwo lonyaka lo esikuwo, kanti ke ubuphethwe abasakazi bo Msakazo omkhulu eNingizimu ne Afrika okuwuKhozi FM. Labasakazi abebephethe lomcimbi uNgizwe Mchunu owaziwa kakhulu ngokuqhakambisa lomculo wesintu, kanye no BK Mchunu naye oke waphatha uhlelo lomculo wesintu kulo msakazo olubizwa ngokuthi Us’Giya ngeNgoma.
Amaciko ebeqhathwe kanje kulomcimbi
The Best Newcomer artist (Ivukane eliwashaya ekhanda) – Skweletu
Best Female Artist (Inqwele kumaciko esifazane) – Indodakazi Yentandane
Best Promising (Abathembisayo)- Amakhabazela
Best Male (Inqwele ezinsizweni) – Khangelani DSD Mhlongo
Best Collaboration (Amaciko abambisene kwicwecwe) – Ezendidane ft Igcokama Elisha
Best Nduna (Ohola abalandeli ovelele) – Nduda (ohola abalandeli baka Khuzani)
Song of the year (Ingoma evelele) – Umzukukulu (Dali Wami).
Okunye okushiye ababebehambele lomcimbi bengawuvali umlomo, Abafana bakaMgqumeni abadlale inoni labo elithandwa kakhulu elibizwa nge (6-6), kanti ke noJaiva Khenyeza ubashiye bengawuvali umlomo ngezingoma zakhe ezihlabahlosile kanye ke noMthandeni Manqele ovale ngengoma yakhe entsha esihloko sithi “Zizojika izinto”.
Brief Overview
This article gives a brief description of the “Khuphuka Nezakho Royal Traditional Awards” that were hosted in Durban in early November this year. The winners, who won against other respected Maskandi musicians, are mentioned above.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).