Amantshontsho (2018)

Inyanga kaZibandlela yinyanga la khona amaciko amaningi omculo wesintu esuke ededela umsebenzi wawo asuke kade ewupheka ewuthulula enzela abalandela abasuke belangalele ngendlela ukuzwa ukudla kwendlebe okuphekwe amaqhawe azo. Kahle kahle nje lenyanya yinyanga la khona thina balandeli bomculo sisuke sidla sinconcosa njengoba kusuke kukhona nemcimbi ethile yesintu, imigubho kanye ke nemidlalo yesintu esahlukahlukene. Lo Zibandlela ubusithulele umcimbi obizwa ngokuthi Amantshontsho ka Maskandi, okuwumcimbi waminyaka yonke obungazwayo lapho kusuke kuhlonishwa amaciko alomculo ngegalelo lawo kulendima yomculo. Lomcimbi ungomunye wemicimbi enesasa elikhulu njengoba bonke abalandeli besuke bebheke ngamehlo abomvu ukubona ukuthi iqhawe labo lihlabane nani kulomcimbi noma ke libuye lilambatha yini kulenqina yezindondo ezitholwa kulo mcimbi. Abahlomulile ke kulokhu “bathi hhululu siphinde sithol’ enye” njengoba kushiwo uma kubanjwe inyamazane enqineni ilaba abalandelayo abahlabane ngezindondo kuMantshontsho.   The Best Newcomer Artist (Ivukane eliwashaya ekhanda) – Skele Mbele Best Female Artist (Inqwele kumaciko esifazane) – Indodakazi Yentandane Best Male (Inqwele ezinsizweni) – Majotha Best Collaboration (Amaciko abambisene kwicwecwe) – Abafana baka Mqgumeni ft UMjikijelwa Song of the Year (Ingoma evelele) – Dumakahle : Amadodana Amahlanu Best Style (Igcokama) – Cevuzile Best Performance (Odlala kahle) – Mkhathazi Best Composer (Iciko elibhala kahle) – Ithwasa Lekhansela Best Trending song (Esematheni) – Mzukulu ; Dali wami Best Solo Male (Iciko Elizimele) – Majotha Best Female Group (Iqembu labesimame) – Osukasambe Best Male Group (Iqembu Lezinsizwa) – Amagcokama Best Female Solo (Iciko elizimele) – Indodakazi Yentandane Best Xhosa – Gobelumpundu Best Praise Singer (Inyosi ezishaya emakhanda) – Mphako Mkhwanazi Brief Overview December is a month where many Zulu cultural practices, events and even celebrations are conducted. The Amantshontsho Maskandi Awards marked the closing of 2018 traditional events. Above are the artists whose recognised and given awards for their great work in the Maskandi music genre.

Related articles

Leave a Comment