Ukudipha izinkomo nokubaluleka kwako

Idiphu indawo eyakhiwayo buqamama nemizi yabantu, ngoba idinga indawo enkulu, bese kuba nendlu yokugcina imithi noma amakhemikhali asetshenziswa emanzini. Umdiphi uyafundiswa futhi ukuxuba lomuthi wokugeza izinkomo, ukuze angenzi iphutha ngoba lomuthi ungaba nobungozi uma ungathakiwe ngendlela. Idiphu lakhiwe ngezingodo eziqinile laba yindilinga noma ibe namakhona, bese kuba nendawo embiwe yashona yase ikhonkwa. Kungena inkomo eyodwa ngesikhathi. … Read more

Izilwane Ezilusizo

Izilwane ezilusizo Phambilini bebengekho odokotela kodwa abantu bebezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza le kude, bebekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo – yingakho bebethi yibo abababonisa yonke lento belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile. Abafana abalusayo bebebasenhlanhlani yokufunda kwabadala konke lokhu, … Read more

Izinkolelo Ngezinyoka

Abantu banezinkolelo eziningi ezingafani ngezinyoka ezahlukahlukene. Kukhona abantu abazisebenzisela ukwelapha okungaba ukusebenzisa izingxenye zayo noma ukuyigcina ngoba benenkolelo yokuthi ibanika amandla noma iyidlozi kubona. ENingizimu Afrika umthetho awuvumi ukuthi abantu bafuye izinhlobo ezithile zezinyoka njengomonyo nezinye. Sizobheka izinhlobo ezithile nezinkolelo zabantu ngazo njengomonyo, inhlwathi nobhulube. Umonyo Umonyo uhlobo lwenyoka elitholakala emadamini noma emachibini. Kujwayeleke ukuthi … Read more

Izinhlobo zezinkomo

Izinkomo esiZulwini zibizwa ngamagama ahlukene ngendlela ezimi ngayo noma ngombala wayo noma ukuma kwezimpondo zayo. Lapha sibuka izinhlobo zezinkomo emikhakheni yazo eyahlukahlukene. Lokhu bekucacisa futhi ngokwaziwa kwezinkomo ubukhethelo bazo nokuthi uma unaloluhlobo lwezinkomo okusho ukuthi uyindoda emadodeni futhi ubuhlonishwa impela. Imfuyo kaZulu yayihlala esibayeni, kuthi izinkomo isibaya sazo sibe phakathi nomuzi sibiyelwe amaxhokovana ukuze imfuyo … Read more

Imisebenzi ethinta inkomo

Ukulusa ukuhambisa izinkomo edlelweni ziyodla. Idlelo indawo enotshani, ekude nemizi kwenzelwa ukuthi izinkomo zingenzi umonakalo emizini yabantu yingakho ibuqamama nemizi. Isibonelo: Uma ifuna ukuzinwaya imane izihlikihle ngendlu kungenzeka iwe indlu kusuke kugwenywa lokho, inganyathela nengane emagcekeni yingakhoke ziya emadlelweni. Imvamisa kuba nedamu noma ichibi lamanzi ukuze ziphuze uma sezomile. Zibasemadlelweni kuze kubentambama bazibuyise sezizolala, zilala esibayeni. … Read more

Huberta the Hippo

Some time after Huberta the Hippo, a resident of the St Lucia Estuary in Zululand, started her long trek southwards along the coast in 1929, she arrives in Durban where her footprints are spotted on the Beachwood Golf Course, and she takes a walk down West Street. She is herded carefully out of town to the uMngeni … Read more